u-Van Niekerk unqobise i-SA Emerging yabesifazane i-series

Dane van Niekerk of South Africa

Dane van Niekerk of South Africa

Ukapteni wama-Proteas esifazane, u-Dané van Niekerk umemezele ukubuya kwakhe emdlalweni emuva kokulimala ngasokhalweni ngokushaya u-50 emabholeni awu-40 engakhishwanga kanye nenti eyodwa ukuhola iqembu le-South Africa lesifazane le-emerging ukuze linqobe i-series, ngezinti eziyisithupha bedlala ne-Bangladesh emerging e-Hammanskraal ngoLwesine.


Iqembu lasekhaya lingaphambili ngo-2-0 kwi-series enemidlalo emithathu. Bejaha u-119/4 obekwe izivakashi, u-Van Niekerk ushaye o-four abayisithupha no-six owodwa ukubhekisa iqembu lakhe ngasekunqobeni emuva kokuphunyukelwa abadlali bokuqala abane beshaye ama-runs angaphansi kwa-20 umuntu emunye. u-Tazmin Brits, u-Trisha Chetty, u-Nadine de Klerk no-Lara Goodall bakhishwe nama-runs awu-18, 12 no-7 ngokulandelana kwabo ngesikhathi kungena u-Van Niekerk kwi-crease futhi wabeka umdlalo ezandleni zakhe.


Yena no-Faye Tunnicliffe (20* emabhoelni awu-21) benze inhlanganiso yama-runs awu-52 ngenti yesihlanu, basuse iqembu labo ku-68/4 baze banqoba kwi-over yesi-13 kusele amabhola amathathu. Ekuqaleni komdlalo, u-Nigar Sultana (44), u-Sanjida Islam (33) no-Fahima Khatun (26) bathole ama-runs amaningi kwi-Bangladesh ngesikhathi u-De Klerk ethi abashaye.


u-Tumi Sekhukhune uphinde wahola abashwibayo kwisimo esinzima, wathola u-2/23 esekelwe u-Van Niekerk (1/15) no-Evodia Yekile (1/22). Umdlalo wesithathu futhi wokugcina wohambo uzodlalwa ngeSonto, 04 August enkundleni efanayo.


i-South Africa izobe ibheke ukuqeda kahle ngokuyinqoba yonke imidlalo, kodwa i-Bangladesh izofuna ukunqoba umdlalo wokugcina futhi iphindele ekhaya nomphumelo owodwa omuhle. Umdlalo ungalandelwa ku-YouTube ku-Cricket South Africa kusukela ngo-12:45. Umdlalo uzoqala ngo-13:00 (SAST).