u-Akter no-Sultana bashaye banqobisa i-Bangladesh Emerging yesifazane i-series

Bangladesh players celebrates lifting the trophy during the 2019 One-Day Series 3rd One Day Match between South Africa and Bangladesh at the Groenkloof Oval, Pretoria on the 28 July 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Bangladesh players celebrates lifting the trophy during the 2019 One-Day Series 3rd One Day Match between South Africa and Bangladesh at the Groenkloof Oval, Pretoria on the 28 July 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

u-Sharmin Akter nokapteni u-Nigar Sultana benze inhlanganiso yama-runs awu-104, ngenti yesibili, ekuholeni i-Bangladesh Emerging yesifazane ukuthi inqobe ngezinti eziyisishagalolunye behlula i-South Africa kumdlalo obuzocacisa i-One-Day series e-Groenkloof Oval e-Pitoli ngeSonto.


Izivakashi zinqobe i-series yemidlalo emithathu ngo-2-1. Bobabili bathole imiphumela bengakhishwanga u-83 no-48 kumjaho wabo wama-runs awu-176/7 abekwe i-South Africa futhi bafika kumphumela kusele amabhola awu-32, kuphume u-Murshida Khatun okhishwe nge-run out enama-runs awu-31 ngasekupheleni kwe-over yesi-18.


Izinto zibukeke zihlukile ebhodini kwiqembu lasekhaya. Bashayiswe kuqala emuva kokuthi izivakashi zinqobe i-toss. u-Robyn Searle no-Tazmin Brits baphinde baliqalisa kahle iqembu labo, bebeka ama-runs awu-64 ngenhlanganiso yokuqala ngaphambi kokuthi u-Brits akhishwe u-Fahima Khatun (3/32) ophinde walinqaka ibhola enama-runs awu-23 (45 balls, 4 fours) nge-over yesi-15.


u-Searle (35) uhlulekile ukuqhubeka, waphuma nge-over elandelile ekhishwa u-Khadija Tul Kubra (2/34).


u-Trisha Chetty uqhubekile nokushaya kahle njengoba eshaye u-50 wakhe wesibili kulandelana ngaphambi kokuthi u-Khatun aphidne ahlasele, ngalesikhathi wakhipha le-wicketkeeper nge-leg before wicket enama-runs awu-63 emabholeni awu-86, okubalwa khona o-four abahlanu.


Abanye baphinde bahluleka ukudlala indima. Imiphumela yama-runs ahamba ngalinye, ngaphandle kwakapteni u-Nadine de Klerk oshaye ama-runs awu-17 emabholeni awu-33 ngaphambi kokuthi u-Khatun aphinde akhiphe omunye.


i-South Africa ithemba ukubuyela kahle kwi-T20 series enemidlalo emithathu ezoqala ngoLwesithathu, 31 July 2019.