i-Bangladesh ilinganisa i-series Yesifazane ye-Emerging

Bangladesh Emerging women celebrate a wicket.

Bangladesh Emerging women celebrate a wicket.

Iqembu le-Bangladesh Lesifazane le-Emerging lihlule iqembu lasekhaya, i-South Africa Emerging ngezinti ezine ukulinganisa i-series enemidlalo emthathu, kwi-One-Day series ngo-1-1 e-Pitoli ngoLwesine.


Manje i-series izoletha umdlalo omnandi uma amaqembu ehlanganela umdlalo ozocacisa ngeSonto, 28 July e-Groenkloof Oval. Izivakashi zijahe kahle umphumela wama-runs awu-239 ukuthi banqobe kusele amabhola ayisishagalombili ngenxa yokushaya okubumbene abashaya phezulu naphakathinendawo. i-South Africa ibinqobe i-toss futhi yakhetha ukushaya kuqala, yahlanganisa u-238/9 ekugcineni kwama-overs ayo.


Baqale kahle ngesikhathi u-Robyn Searle no-Tazmin Brits benze inhlanganiso yama-runs awu-155 bevula umdlalo, babeka isikhonkwana ukuze abasazoshaya baqhubeke futhi benze umphumela omkhulu. Bobabili baphuthelwe umphumela okade ubafanele.


u-Brits uphume kuqala, ephuma enama-runs awu-45 kwi-over yesi-31, kwalandela u-Searle ophume eshodelwa ama-runs amane ukuze athole ikhulu nge-over elandelile. u-Searle uphume nge-LBW enama-runs awu-96 emabholeni awu-111, kanye no-four abawu-13. Ube owesithathu ukungena u-Trisha Chetty futhi wakhombisa isipiliyoni sakhe, wadlala i-innings eqoqekile okumbone eshaya u-56 emabholeni awu-58 (8x4s).


Ngebhadi, kugcine lapho ukudlalwa kahle kwi-innings. Abanye bakhishwe benama-runs ahamba ngalinye. Iqhawe kumdlalo odlule, ukapteni u-Nadine de Klerk, ukhishwe engawatholile ama-runs emuva kokuthi abe-stumped u-Khadija Tul Kubra, ohlasele kakhulu, wathola u-4/42 kuma-overs akhe awu-10.


Izivakashi zikhombise isizotha namhlanje futhi, nokho engekho othole u-50 noma okudlulile kwiqembu labo, baningi abadlale indima njengo-Murshida Khatun (48), u-Ritu Moni (42), u-Shaila Sharmin (31), u-Sobhana Mostary (29* off 18 balls), ukapteni u-Nigar Sultana (29* off 24) no-Fahima Khatun (20) ukuze iqembu labo linqobe ekugcineni. Abashwiba kwi-South Africa bahlulekile ukuhlasela. u-De Klerk (1/34), u-Tumi Sekhukhune (1/49) no-Anneke Bosch (1/53) bathole inti eyodwa emuntu emunye, kwathi ama-run out enziwe u-Ayabonga Khaka, u-Sekhukhune no-Bosch akhiphe abanye.


NgeSonto umdlalo uzoqala ngo-09:30. Umdlalo uzovezwa kwi-YouTube channel ye-Cricket South Africa (bheka u-Cricket South Africa).


South Africa Women’s Emerging squad:


Nadine de Klerk (Northerns), Tazmin Brits (North West), Robyn Searle (Gauteng), Trisha Chetty (Gauteng), Lara Goodall (Western Province), Sinalo Jafta (Western Province), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Zintle Mali (Border), Ayabonga Khaka (Gauteng), Faye Tunnicliffe (Western Province), Evodia Yekile (North West), Anneke Bosch (North West), Nonkululeko Mlaba (KwaZulu-Natal Coastal).