u-De Klerk uhole njengesibonelo njengoba i-SA Emerging Yabesifazane izibeke ngaphambili ngo1-0 kwi-One-Day series

Nadine de Klerk (C) of South Africa Women Emerging celebrates after scoring her 50 runs during the 2019 One-Day  Series - 1st One Day Match - South Africa Women Emerging v Sri Lanka Women Emerging at the Groenkloof Oval in Pretoria on 23 July 2019  
Photo: Christiaan Kotze/BackpagePix

Nadine de Klerk (C) of South Africa Women Emerging celebrates after scoring her 50 runs during the 2019 One-Day Series - 1st One Day Match - South Africa Women Emerging v Sri Lanka Women Emerging at the Groenkloof Oval in Pretoria on 23 July 2019 Photo: Christiaan Kotze/BackpagePix

Ukapteni u-Nadine de Klerk ushaye u-50 emabholeni awu-41 futhi wakhipha izinti ezimbili ukuhola i-South Africa Emerging Yabesifazane banqobe ngama-runs awu-47 kumdlalo wokuqala wemidlalo emithathu, kwi-One-Day series bedlala ne-Bangladesh Emerging e-Pitoli ngoLwesibili.


Iqembu lasekhaya likhishwe lonke ngama-runs awu-198 kuma-overs awu-48 emuva kokunqoba i-toss nokukhetha ukushaya kuqala. Baqale kabi ngesikhathi belahlekelwa abavula umdlalo u-Taznim Brits no-Robyn Searle benama-runs amahlanu namathathu ngokulandelana kwabo.


Umdlali omdala kuma-Proteas, u-Trisha Chetty, obuya kumdlalo emuva kokulimala umhlane onyakeni odlule, uhole ukulungisa kweqembu futhi wenza inhlanganiso yama-runs awu-45 ngenti yesine kanye no-Nondumiso Shangase (17) ngaphambi kokuphuma ngama-runs awu-34 nge-over yesi-25. u-Sinalo Jafta uphume nge-run out enama-runs amabili, kodwa lokho akumphazamisanga u-Lara Goodall (38) kumsebenzi wakhe.


Uzigcine enesizotha ngaphansi kwencindezi futhi wenza inhlanganiso yama-runs awu-79 negnti yesithupha no-De Klerk ngaphambi kokuthi akhishwe u-Khadija Tul Kubra (1/26) nge-over yesi-40. u-De Klerk ulandelile emuva kwama-overs amathathu, waqeda i-innings yakhe nama-runs awu-54 emabholeni awu-48, okubalwa khon o-four abayisishagalombili no-six owodwa. Abashwibayo basheshe baqeda ngomsila nokho kukhona abazamile ngasekushayeni u-Tumi Sekhukhune (18 off 19 balls) no-Anneke Bosch (12 off 15).


u-Ritu Moni (4/33) no-Nahida Akter (3/43) be-Bangladesh washwibe kahle, bakhipha izinti eziyisikhombisa phakathi kwabo ukuvimba i-South Africa kumphumela abacabange ukuthi ungatholakala. u-Sekhukhune (3/30) nomdlali omusha u-Nonkululeko Mlaba (2/16) bahlasele abashaya phezulu kwizivakashi, kwabashiya ku-8/4 ngaphakathi kwama-overs ayisikhombisa.


u-Shaila Sharmim no-Moni (33 off 68 balls, 6 fours) balwile ngenhlanganiso yama-runs awu-64 ngenti yesihlanu ngaphambi kokuthi u-Shangase (1/30) akhiphe u-Moni ekupheleni kwe-over yesi-31. u-Suraiya Azmin (2) no-Sobhana Mostary (0) abahlalanga isikhathi eside, kodwa u-Fahima Khatun ebenenkani, wathola u-32 engaphumanga emabholeni awu-38.


Umdlali wesishagalolunye ujabulise iqembu lakhe njengoba yena no-Sharmin benze inhlanganiso yama-runs awu-50 embholeni awu-67. u-Sharmin akawuqedanga umdlalo futhi, emuva kwemizuzu ewu-151 kanye nokubhekana namabhola awu-119 ukuze athole u-61, ukhishwe u-Sekhukhune nge-over yesi-46 emuva kobuqhawe bakhe ebhekene neqembu lasekhaya elilwayo.


u-De Klerk usheshe wazikhipha izinti ezimbili zokugcina, wakhipha u-Nahida Akter ngeqanda kanye no-Tul Kubra enama-runs amabili, ukunqobisa i-South Africa kusele i-over eyodwa. Ukapteni we-South Africa ube i-Player of the Match. Umdlalo wesibili we-series uzodlalelwa enkundleni efanayo ngoLwesine, 25 July 2019.


Umdlalo uzoqala ngo-09:30 futhi uzovezwa kwi-Cricket South Africa YouTube channel (ubheke u-Cricket South Africa).