i-USSA izodlala ne-Sri Lanka kwi-final ye-Emerging Series

Kabelo Sekhukhune of SA USSA

Kabelo Sekhukhune of SA USSA

i-University Sports South Africa (USSA) izodlala ne-Sri Lanka Emerging kwi-final ye-One-Day Triangular Series ngeSonto emuva kokukhipha i-South Africa Emerging ngezinti ezinhlanu kumdlalo wokugcina wokukhiphana we-round-robin ePitoli ngoLwesine.

u-Kabelo Sekhukhune othole u-66 (96 balls, 9 fours) udlale indima ebalulekile kumphumela emuva kokusiza athwale iqembu lakhe ukuze linqobe ngokufika ku-182 kusele ama-overs adlulile ku-15.

Kube ukunqoba kwesithathu kweqembu la-Kruger van Wyk futhi kusho ukuthi bakhiphe iqembu ebelithandiwe le-SA kumdlalo ozocacisa. Ovula umdlalo u-Sekhukhune akagqamanga yedwa, abashwibayo, beholwa u-Gideon Peters (3/45), udlale indima ebalulekile ngokukhipha abadlale nabo ngama-runs awu-181 kuma-overs awu-34.1.
i-USSA ibinqobe i-toss futhi yakhetha ukushwiba kuqala, kodwa isinqumo asibukekanga kahle ekuqaleni emuva kokuthi i-SA Emerging iqale kahle. Beholwa othole ama-runs amaningi kubona u-Janneman Malan, oshaye u-68 emabholeni awu-63 ehlasela (9 fours, 2 sixes), futhi u-Tony de Zorzi (15), iqembu la-Shukri Conrad lifike ku-62 kuphume oyedwa kwi-overs yesi-10 bese kwaba u-111 kuphume ababili nge-over yesi-20 ngenxa ka-Raynard van Tonder othole u-26.

Kodwa kwabheda kusukela lapho, bafika ku-147 kuphume abathathu nge-over yesi-28 kumphumela wabo wokugcina – ukuphuma kwezinti eziyisikhombisa ngama-runs awu-34. u-Peters uhlasele kakhulu ngokukhipha izinti, kwathi u-Shabir Mallie wakhipha ababili ngama-runs ayisishagalolunye.

Bephendula kahle, i-man-of-the-match u-Sekhukhune wehlise umoya wabeka iqembu lakhe ku-101 kuphume oyedwa bese kwaba u-162 kuphume ababili kulandela izinhlanganiso zama-runs awu-65 no-Neil Brand (43) ngenti yesibili futhi nenhlanganiso yama-runs awu-61 no-Rubin Hermann (27) ngenti yesithathu.

Lokho kubasondezile, ngaphambi kokuhlasela ngasekugcineni kwa-Marco Jansen (2/39), kodwa kufike sekuhambe isikhathi ukwenza umehluko kumphumela njengoba i-USSA inqobe kusele amabhola awu-94.

SA Emerging squad: Tony de Zorzi (Multiply Titans), Janneman Malan (World Sports Betting Cape Cobras), Raynard van Tonder (VKB Knights), Matthew Breetzke (Warriors), Wandile Makwetu (VKB Knights), Sinethemba Qeshile (Warriors), Sibonelo Makhanya (Hollywoodbets Dolphins), Marco Jansen (VKB Knights), Tshepang Dithole (bizhub Highveld Lions), Tshepo Ndwandwa (World Sports Betting Cape Cobras), Tladi Bokako (World Sports Betting Cape Cobras), Nandre Burger (World Sports Betting Cape Cobras), Kyle Simmonds (Northerns), Jason Smith (World Sports Betting Cape Cobras), Dayyaan Galiem (Multiply Titans), Thando Ntini (World Sports Betting Cape Cobras).

Tour Itinerary

July 2019

Sun 14: Final-USSA vs Sri Lanka Emerging (Tuks Oval)
Thu 18-Sun 21: 1st Four Day Match-South Africa Emerging vs Sri Lanka Emerging (Senwes Park)
Thu 25-Sun 28: 2nd Four Day Match-South Africa Emerging vs Sri Lanka Emerging (Tuks Oval)