u-Du Plessis uhole indlela njengoba ama-Proteas aqede i-World Cup ngokunqoba

South Africa's Faf du Plessis celebrates reaching his century during the ICC Cricket World Cup group stage match at Emirates Old Trafford, Manchester.

South Africa's Faf du Plessis celebrates reaching his century during the ICC Cricket World Cup group stage match at Emirates Old Trafford, Manchester.

Kuholwe ikhulu lika-Faf du Plessis nenhlanganiso yakhe yama-runs awu-151 no-Rassie van der Dussen, ama-Standard Bank Proteas agcine edlala umdlalo ophelele ngokushaya, ukushwiba nokuvimba ukuze bahlule i-Australia ngama-runs awu-10 kumdlalo wabo wokugcina kwi-ICC Men's Cricket World Cup e-Old Trafford, e-Manchester, ngoMgqibelo.

Okube i-ODI yekhulu phakathi kwamazwe womabili amaqembu adlale umdlalo ozokhumbuleka okushiye womabili amaqembu enqobe imidlalo ewu-48 imidlalo emithathu iphela ngokulingana owodwa ungenamphumela. Kuphinde kwaba ukunqoba kwesishagalombili kuma-Proteas ehlula i-Australia kwimidlalo eyisishagalolunye edlule phakathi kwalamazwe futhi i-South Africa ibinqoba okwesibili ihlula i-Australia kwi-World Cup, lokhu okunye kwenzeka kumdlalo wokuqala we-South Africa kwi-World Cup e-Sydney ngo-1992.

u-Du Plessis uqokwe njenge-Man of the Match ngekhulu lakhe (100 off 94 balls, 7 fours, 2 sixes) futhi nobuholi bakhe nokho umklomelo ubungatholwa u-David Warner ngenkhulu lakhe (122 off 117 balls, 15 fours and 2 sixes).

Kube ikhulu lika-Du Plessis lesihlanu bedlala ne-Australia lapho ene-average edlulile ku-50 kanye nelesi-12 esewonke. Uphinde waba umdlali wesikhombisa oyi-Protea othole ama-runs awu-1 000 bedlala ne-Australia. Bakhona nabanye abadlale indima kuwona womabili amaqembu njengo-Van der Dussen othole i-career best u-95 (97 balls, 4 fours, 4 sixes) no-Alex Carey kwi-Australia (85 emabholeni awu-69, 11 fours, 1 six).

u-Kagiso Rabada ugcine ephume phezulu kwabashwibayo kwi-South Africa (3/56) okubalwa khona izinti ezimbili ezibalulekile kwi-over yakhe yokugcina ngesikhathi i-Australia kade isasabisa ukuba nomjaho ozophumelela.

Abanye abadlale indima ekunqobeni kwe-South Africa kube inhlanganiso evule ngokushaya phakathi kwa-Aiden Markram no-Quinton de Kock okuvumele ama-Proteas abeke umphumela omuhle kwi-power play, ama-runs awu-73 - kuphinde kwaba inhlanganiso yesine enkulu kumphumela - futhi kube nokuthuthuka okukhulu ekuvimbeni njengoba u-De Kock no-Markram baphinde badlala indima kanye no-Chris Morris.

Umphumela womdlalo ukuthi i-India ingaphezulu futhi izodlala ne-New Zealand kwi-semi-final yokuqala bese i-Australia izodlala ne-England kwenye.