i-All-rounder u-Simmonds usize i-SA Emerging inqobe okokuqala idlala ne-Sri Lanka

Kyle Simmonds(C) of South Africa Emerging celebrates after getting his second wicket during the 2019 One-Day Triangular Series, 6th One Day Match South Africa Emerging v Sri Lanka Emerging at Tuks Oval in Pretoria on 6 July 2019 Photo: Christiaan Kotze/BackpagePix

Kyle Simmonds(C) of South Africa Emerging celebrates after getting his second wicket during the 2019 One-Day Triangular Series, 6th One Day Match South Africa Emerging v Sri Lanka Emerging at Tuks Oval in Pretoria on 6 July 2019 Photo: Christiaan Kotze/BackpagePix

u-Kyle Simmonds uthole izinti ezimbili kwi-spell sama-runs amancane eshwiba futhi walandelisa ngama-runs awu-44 engaphumanga njengoba i-South Africa Emerging inqobe okokuqala ibhekene nabalingani babo i-Sri Lanka kumdlalo wabo we-One-Day Triangular e-Pitoli ngoMgqibelo.

Le-all-rounder yama-Northerns iphisane ngama-runs awu-35 kuma-overs akhe awu-10 njengoba izivakashi zigcine ku-247 kuphume abayisikhombisa.

Uphinde washaya o-six abathathu no-four ababili emabholeni awu-26 ukusiza iqembu lakhe linqobe ngezinti ezintathu kusele ama-overs ayisishagalombili agcwele.

Umphumela usho ukuthi iqembu lomqeqeshi u-Shukri Conrad linwebe indawo yalo njengelesibili, nokho ama-Sri Lankana, emuva kokuhlulwa okokuqala, basangaphambili kusele imidlalo eyodwa ukuthi idlalwe ngaphambi kwe-final ngeSonto.

Iqembu lase-Asia, elahlula i-University Sports South Africa (USSA) bedlala ngayizolo, futhi banqobe i-toss bakhetha ukushaya kuqala, baqale kahle ngokufika ku-80 kuphume oyedwa kuma-overs awu-13. Lokhu kube ngenxa yenhlanganiso yama-runs awu-78 ngenti yesibili phakathi kwa-Sandan Weerakkody (42) no-Pathum Nissanka (37).

Kodwa balahlekelwe izinti zilandelana kusukela lapho kwi-LC De Villiers Oval, bafika ku-140 kuphume abayisithupha nge-over yesi-33 emuva kokuthi u-Simmonds no-Dayyaan Galiem (2/25) bekhiphe izinti ezimbili. Kuthathe u-54 (55 balls, 3 fours, 1 six) oshaywe u-Ramesh Mendis ongaphumanga, ukubakhuphula kumphumela othegxagxa, nokwesekwa kuqhamuka ku-Lahiru Madushanka (30).

i-South Africa ibhekene nenkinga ngasekuqaleni njengoba kuphume izinti ezimbili kuma-overs okuqala esishagalombili – u-Janneman Malan (18) no-Raynard van Tonder (0) bobabili bakhishwe u-Amila Aponso (2/46). Kodwa u-50 oshaywe u-Matthew Breetzke uhole indlela, lomdlali ovulela ama-Warriors ngokushaya wathola u-53 (57 balls, 6 fours).

Futhi, nokho belahlekelwe izinti eziyisikhombisa, umphumela ubumncane ukuqhudelana ne-run rate. u-Breetzke, ehlangene no-Tony de Zorzi (30), u-Sinethemba Qeshile (37), u-Galiem (28) no-Simmonds, bakwazile ukunqobisa iqembu labo, ukunqoba obekubalulekile.

SA Emerging squad: Tony de Zorzi (Multiply Titans), Janneman Malan (World Sports Betting Cape Cobras), Raynard van Tonder (VKB Knights), Matthew Breetzke (Warriors), Wandile Makwetu (VKB Knights), Sinethemba Qeshile (Warriors), Sibonelo Makhanya (Hollywoodbets Dolphins), Marco Jansen (VKB Knights), Tshepang Dithole (bizhub Highveld Lions), Tshepo Ndwandwa (World Sports Betting Cape Cobras), Tladi Bokako (World Sports Betting Cape Cobras), Nandre Burger (World Sports Betting Cape Cobras), Kyle Simmonds (Northerns), Jason Smith (World Sports Betting Cape Cobras), Dayyaan Galiem (Multiply Titans), Thando Ntini (World Sports Betting Cape Cobras).

Tour Itinerary

July 2019

Tue 09: 7th One Day Match - Sri Lanka Emerging vs USSA (Groenkloof Oval)
Wed 10: 8th One Day Match - Sri Lanka Emerging vs South Africa Emerging (Groenkloof Oval)
Thu 11: 9th One Day Match - USSA vs South Africa Emerging (Groenkloof Oval)
Sun 14: Final - T. B. C. vs T. B. C. (Tuks Oval)
Thu 18-Sun 21 1st Four Day Match - South Africa Emerging vs Sri Lanka Emerging (Senwes Park)
Thu 25-Sun 28 2nd Four Day Match - South Africa Emerging vs Sri Lanka Emerging (Tuks Oval)