Ikhulu lika-Brand lihlele ukunqoba kwe-USSA

Janneman Malan

Janneman Malan

Ikhulu elitholwe u-Niel Brand lihlule ikhulu la-Janneman Malan njengoba i-University Sports South Africa (USSA) inqobe ngama-runs amabili behlula iqembu le-South Africa Emerging kumdlalo wesine we-One-Day Triangular Series ePitoli ngoLwesine.

Emuva kokunqoba i-toss nokushwiba kuqala, iqembu le-Emerging lihlanganise u-297 kuphume abayisikhombisa kuma-overs awu-50 enkundleni. Kuhole u-Brand ngokuthola u-100 emabholeni awu-124, okubalwa khona o-four abayisithupha no-six ababili.

Othole ama-runs amaningi u-Malan, ushaye o-six abane no-four abayisishagalombili emabholeni awu-88 ukuze athole u-108. Kodwa ukunqoba kuphambi kwabo, u-Gideon Peters (2/61) no-Delano Potgieter (1/30) baphisane ngama-runs awu-12 kuphela kuma-overs okugcina amabili ukunqobela i-USSA, okokuqala kumqhudelwano.

Manje banamaphuzu amane etafuleni, ngephuzu elilodwa ngemuva kwe-SA Emerging, abanqoba ngephuzu elinezeliwe behlangana okokuqala, kwathi i-Sri Lanka Emerging ingaphezulu benqobe kabili emidlalweni embili – namaphuzu ayisishagalolunye.

Iqembu leNyuvesi lizoyithanda indlela abadlalengayo ngoLwesine, nokho, bekuhola u-Brand kanye nabanye abadlali abasebenze kahle. Emuva kokuthi u-Marco Jansen (3/54) no-Dayyaan Galiem (2/52) bakhiphe u-Isma-eel Gafieldien (0) no-Kabelo Sekhukhune (15), ama-runs awu-39 atholwe u-Hanno Kotze no-Ruan de Swardt bagcine izinto zihlangene, waphinde wathola u-50 omuhle u-Potgieter, oshaye u-70 (66 balls, 6 fours, 3 sixes).

Abashaye ama-runs amakhulu baphinde benza inhlanganiso yama-runs awu-116 ngenti yesine ukunyusa iqembu labo kumphumela oqinile. Usheshe waphuma u-Tony de Zorzi (5) kuqala i-innings ye-SA Emerging, kodwa u-Malan no-Raynard van Tonder (71 emabholeni awu-102, 6 fours) bahlanganise u-172 ngenti yesibili ukushiya iqembu labo lihamba phambili.

Iqembu ebelijaha liqhubekile nencindezi ngenxa ka-Jason Smith othole u-56 emabholeni awu-59 (2 fours, 1 six) no-40 oshaywe u-Matthew Breetzke.

Kodwa u-289 kuphume abathathu nge-over engaphambi yokugcina, bakhishwe u-Peters no-Potgieter, bagcina ku-295 kuphume abayisithupha.

SA Emerging squad: Tony de Zorzi (Multiply Titans), Janneman Malan (World Sports Betting Cape Cobras), Raynard van Tonder (VKB Knights), Matthew Breetzke (Warriors), Wandile Makwetu (VKB Knights), Sinethemba Qeshile (Warriors), Sibonelo Makhanya (Hollywoodbets Dolphins), Marco Jansen (VKB Knights), Tshepang Dithole (bizhub Highveld Lions), Tshepo Ndwandwa (World Sports Betting Cape Cobras), Tladi Bokako (World Sports Betting Cape Cobras), Nandre Burger (World Sports Betting Cape Cobras), Kyle Simmonds (World Sports Betting Cape Cobras), Jason Smith (World Sports Betting Cape Cobras), Dayyaan Galiem (Multiply Titans), Thando Ntini (World Sports Betting Cape Cobras).