u-Amla no-Du Plessis babuyela efomini yokunqoba

South Africa's Hashim Amla bats during the ICC Cricket World Cup group stage match at Riverside Durham. PRESS ASSOCIATION Photo. Picture date: Friday June 28, 2019. See PA story CRICKET Sri Lanka. Photo credit should read: Owen Humphreys/PA Wire. RESTRICTIONS: Editorial use only. No commercial use. Still image use only.

South Africa's Hashim Amla bats during the ICC Cricket World Cup group stage match at Riverside Durham. PRESS ASSOCIATION Photo. Picture date: Friday June 28, 2019. See PA story CRICKET Sri Lanka. Photo credit should read: Owen Humphreys/PA Wire. RESTRICTIONS: Editorial use only. No commercial use. Still image use only.

u-Hashim Amla no-Faf du Plessis bashaye imiphumela embili emikhulu kuma-Standard Bank Proteas kwi-ICC Men’s Cricket World Cup ukuhola indlela yokunqoba ngezinti eziyisishagalolunye behlula i-Sri Lanka kusele amabhola u-76 kumdlalo ongaphambi wokugcina e-Chester-le-Street ngoLwesihlanu.

Njengoba ama-Proteas eshaye kahle futhi okuthembisayo kumqhudelwano bobabili benze inhlanganiso enkulu kwi-South Africa kwi-series yama-runs awu-175 emabholeni awu-206. Kube inhlanganiso yekhulu lesibili le-South Africa kwi-World Cup, benza kangcono kuno-104 phakathi kwa-Amla no-Quinton de Kock bedlala ne-Afghanistan.

u-Amla uqede no-85 (105 balls, 5 fours) futhi u-Du Plessis ku-96 (103 balls, 10, 1 six). Kube u-50 wesibili ka-Amla kumqhudelwano futhi owesithathu ka-Du Plessis. Kumdlalo obuphelele, abashwibi nabo badlale indima yabo, bakwazi ukukhipha i-Sri Lanka phakathi kwama-overs awu-50 ngo-203.

i-Sri Lanka, okuthiwe ayishaye kuqala emuva kokuthi u-Du Plessis anqobe i-toss, bebengaphezulu kuma-overs okuqala awu-10 kumdlalo, bafika ku-67/2 ekupheleni kwe-power play yokuqala kodwa ama-Proteas ebengaphezulu kuze kwaphela umqhudelwano njengoba i-Sri Lanka ilahlekelwe izinti zokugcina eziyisishagalolunye ngama-runs awu-136.

Lokho kwenziwe indima edlalwe i-Man of the Match u-Dwaine Pretorius ogcine ukudlala kwi-World Cup cishe kwadlula inyanga kumdlalo wokuqala womqhudelwano bedlala ne-England. Emuva kokuthola u-1/17 kuma-overs akhe okuqala amathathu, uphinde wathatha u-2/8 kuma-overs asele ayisikhombisa ukuze aqede no-3/25 kuma-overs awu-10.
Lokhu kubalwa namabhola awu-46 anatholanga ama-runs okungaba irekhodi elithile. Okuxakile, uyedwa wabadlali abashwibayo kwabayisithupha ongayitholanga inti kube u-Imran Tahir obegqamile kuloluhlobo lwekhilikithi kuwona wonke umqhudelwano.

Ama-Proteas ashintshe abadlali ababili kwiqembu elidlule, u-Pretorius ethatha indawo ka-Lungi Ngidi no-JP Duminy ethatha indawo ka-David Miller olimele.
Ama-Proteas azodlala umdlalo wokugcina ne-Australia e-Old Trafford, e-Manchester, ngoMgqibelo ozayo.