Ama-Proteas Esifazane agcine okuhle ekugcineni ukunqoba i-T20 series

Hilton Moreeng, coach of South Africa talking to players

Hilton Moreeng, coach of South Africa talking to players

Umqeqeshi wama-Proteas Esifazane, u-Hilton Moreeng, ukhombise ukujabula kwakhe kuzona zonke izingxenye sihlangane ngesikhathi esilungile kulandela ukunqoba kweqembu lakhe ngezinti eziyisishagalolunye kwi-T20 International yesihlanu bedlala ne-Pakistan e-Benoni ngoLwesine.

i-South Africa inqobe i-series ngo-3-2. u-Lizelle Lee ushaye u-50 wakhe wesithathu emidlalweni emihlanu ukusiza iqembu lasekhaya lijahe u-125/3 we-Pakistan. u-Lee ehlangene no-Nadine de Klerk ngenhlanganiso yama-runs awu-100 ngenti yesibili ukubeka i-South Africa ku-127/1 kusele amabhola awu-29.

Kulo lonke uhambo, u-Moreeng ucele ukungashintshashintshi kweqembu lakhe kuzona zontathu izigaba futhi kumdlalo ocacise nge-series e-Willowmoore Park, usitholile isifiso sakhe. Ebejabulile ukubona ukuthi abadlali badlulile ezikhathini ezinzima kumdlalo, ecabanga nencindezi yemidlalo embili yokugcina.

“Bekucasula ngoba uma abashayayo benza kahle, ukushwiba nokuvimba bekusiphoxa,” echaza emuva komdlalo.

“Ngakho, ukubona konke kuhlangana namhlanje, sishiye umdlalo wethu omuhle kakhulu kwaba owokugcina kwi-series, okuhle. Kukhombisa isimilo kanye nezinga esinalo kulabesifazane.”

“Bekumnandi kulaba ababuka eceleni, imidlalo embalwa ebisondelene kodwa ukuthuka okunjalo, kumele ukuzwe njengomdlali ukuze wazi kuyela phambili. Abanye babo bazofunda okuningi kulokhu futhi ngethemba bakhule njengabadlali bekhilikithi,” esho eqhubeka.

Eqhubeka nomdlandla wakhe kwi-T20 yesine, le eyanqotshwa ama-Proteas ukulinganisa i-series ngo-2-2, u-Lee wathola u-75 emabholeni awu-48 (11 fours, 2 sixes) okwabanqobisa umdlalo kanye no-De Klerk ozakahle, owathola i-career-best u-37 emabholeni awu-31.

u-Moreeng ubancome bobabili, wagqamisa indima umuntu nomuntu abenayo bedlala.

“u-Lee umdlali ohlaselayo ngaphezulu. Ubhekana nqo nabashwibi, uyayazi indlela alidlala ngalo ibhola kuyona yonke inkundla, udlala u-360,” kusho u-Moreeng.

“Esikuthanda ukukubona ukwenza ngendlela efanayo, kodwa kumele sazi ukuthi njenge-changeroom angeke kwenzeke zonke izikhathi. Ngakho, besidinga umdlali ofana no-Nadine ukufika bese unenhlanganiso yama-runs awu-100, nomdlali okhulile.”

“Kukhulu kuyena ngoba ufunde okuningi namhlanje ngaye, umdlalo kanye nendima ayidlalayo eqenjini. Uphathisa abakhethayo ngekhanda kuyela kwi-off-season yethu, okuhle kakhulu.”
“Ufuna lokhu kumdlali ofana no-Lizelle, unekhono, ukhombise ikhono futhi manje ukuqiniseka ukuthi ukwenza ngendlela efanayo kubangcono,” esho enezezela.

Okukodwa okuhle kwi-T20 series nalolonke uhambo ekhaya kudlalwa ne-Pakistan kube ukapteni u-Suné Luus, obambele u-Dané van Niekerk olimele. u-Moreeng uyincomile i-all-rounder ngekhono lakhe lokuhola kanye nokwazi ukufunda umdlalo, ebe encoma abadlali bakhe abanesipiliyoni ngokusekela u-Luus kuhambo.

Ekubhekeni i-series nohambo, u-Moreeng ukholwa ukuthi kube nomthelela nempumelelo, ebala imisebenzi yama-Proteas bedlala neqembu le-Pakistan elikhuphukayo. Uthi iqembu lakhe belingekude kakhulu ngokufika phezulu impela futhi uthatha okuningi okuhle njengoba bezimisele ngokuthuthuka.

“Kithina indlu yokushintshela u-9 ku-10 ngokucasuka ngokungazi ukuthi ungenzani kodwa awudlali kahle kakhulu,” kusho u-Moreeng.

“Angeke uwuthole umdlalo omuhle kakhulu kodwa ukusebenzela wona.”

“i-Pakistan iqembu elilungile, bakhombisile lokho ngemidlalo yabo kwi-series edlule, ukunqoba bedlala ne-West Indies ekhaya. Iqembu elikhuphukayo futhi ngalokho, kube isivivinyo esilungile kithi. Singahamba futhi sibheke ukuthi sikuphi ngoba sinamasonto ambalwa ngaphambi kokuthi sihambe.”

“Sithanda ukubonga abalandeli bethu, abangani kanye nemndeni akade besisekela ezikhathini ezinhle nezimbi kule-season,” esho evala.

u-Lee ukonyeliswe ngokuba i-Player of the Match kwi-T20I yesihlanu, eyesithathu kwi-series. i-all-rounder kwi-Pakistan, u-Nida Dar, ube i-Player of the Series ngokuthola ama-runs awu-239 nezinti ezine.

Konke okuvelele kwi-series yemidlalo emihlanu phakathi kwe-South Africa ne-Pakistan ingatholakala ku-https://www.youtube.com/user/cricketsatv

Proteas Women T20 team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northerns), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West).