u-Lee unqobela ama-Proteas esifazane i-series enodumo

Lizelle Lee of South Africa celebrates 50th run during the 2019 5th Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 23 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Lizelle Lee of South Africa celebrates 50th run during the 2019 5th Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 23 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

u-Lizelle Lee ushaye o-50 ababili belandelana emahoreni awu-24 ne-career-best njengoba ama-Proteas esifazane enqobe i-series enodumo ngezinti eziyisishagalolunye behlula i-Pakistan kwi-T20 International yokugcina e-Benoni ngoLwesine.

Lomdlali ovula umdlalo ushaye u-75 emabholeni awu-48, okubalwa khona o-four abawu-11 no-six ababili, njengoba iqembu lasekhaya linqobe lifika kuma-runs 126 e-Willowmoore Park kusele amabhola awu-29.

u-Lee uhlanganise u-100 ngenti yesibili no-Nadine de Klerk (37 not out), inhlanganiso engaphulwanga,njengoba ethole u-50 wakhe weshumi kuma-T20I kanye noswesithathu kwi-series.

Kuqedele ukubuya kuhle kwama-South Africans, akade bengemuva ngo-1-0 no-2-1 ekuqaleni kwe-series, ngaphambi kokuhamba phambili kumdlalo obuzocasisa nge-series.

Osukwini lokugcina lwe-tour ebinomqhudelwano osondelene phakathi kwamaqembu womabili, iqembu lasekhaya linqobe i-toss lakhetha ukushwiba kuqala, isinqumo esihambe kahle njengoba bebeke i-Pakistan ku-125/5.

Bonke abashwibi baqhakazile, u-Shabnim Ismail enza kahle kakhulu njengoba ethole u-1/16.

Ama-Proteas ahlasele njalo, engavumeli izivakashi ziphunyuke njengoba u-Tumi Sekhukhune (1/19), u-Moseline Daniels (1/25), u-De Klerk (1/10) no-Sune Luus (1/22) bakhiphe izinti.

i-Player of the Series kube u-Nida Dar othole u-28 futhi waba oyedwa wabadlali abane kwiqembu lase-Asia ukufika ko-20s – abanye kube ukapteni u-Bismah Maroof (23), u-Aliya Riaz (26 not out) no-Javeria Khan (20).

Kodwa akekho ohlaselile futhi lokhu kube inkunga kwi-Pakistan, umphumela wabo ubumncane kakhulu uma beqhathaniswa leqembu lasekhaya.

Neqembu lasekhaya lilahlekelwe u-Tazmin Britz (9) kalula, i-Player of the Match, u-Lee we-best score edlule yakhe yokugcina u-69 engaphumanga bedlala ne-England eGoli ngo-2016, bekwanele ukunqobisa ama-Proteas.

Proteas Women T20 team
Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northerns), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West).