i-CSA ihalalisela ama-Proteas esifazane ngokunqoba i-T20I series

Shabnim Ismail (l) celebrates victory with teammate Sinalo Jafta of South Africa during the 2019 4th Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 22 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Shabnim Ismail (l) celebrates victory with teammate Sinalo Jafta of South Africa during the 2019 4th Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 22 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

i-Cricket South Africa (CSA) isihalalisele ama-Proteas Esifazane ngokubuya ngemuva ukuze bedlala ne-Pakistan kwi-T20 International series enemidlalo emihlanu efike ekugcineni namhlanje e-Benoni Willowmoore Park.

Womabili amaqembu angene kumdlalo wanamhlanje elingene ngo-2-2 okuphenduke umdlalo wokugcina futhi ama-Proteas anqoba i-series ngezinti eziyisishagalolunye kusele cishe ama-overs amahlanu.

“Halala kukapteni obambili u-Sune Luus, umqeqeshi u-Hilton Moreeng nabo bonke abadlali nabasebenzi abasizayo ngalempumelelo ehambisana kahle nezifiso zethu kwi-ICC Women’s World T20 ezodlalwa e-Australia kuqala unyaka olandelayo,” kuphawula i-CSA Chief Executive u-Thabang Moroe.

“Indlela ababuya ngayo kwimidlalo embili yokugcina emuva kokuba ngemuva ngo-2-1 kwi-series kusho okukhulu ngesimilo kanye nomoya wokulwa eqenjini lethu. Baphinde bakhombisa ukuqini emqondweni ngendlela abajahe ngayo umphumela onzima kumdlalo wesine ukugcina i-series iphila ngaphambi kokunqoba namhlanje.”

“Sizokhula ngamandla kusukela manje uma sigcabanga umsebenzi omuhle owenziwe abadlali bethu abancane kanye nabanesipiliyoni esincane ukuhambisana kahle nabadlali bethu abasezingeni eliphezulu nokuthi sikulindele ukwamukela ukapteni wethu, u-Dane van Niekerk, uma ebuya emuva kokulimala.”

“Kube i-series enomqhudelwano kodwa odlalwe ngomoya omuhle futhi sibonga i-Pakistan ngendima yabo kwikhilikithi enhle,” esho evala u-Mr. Moroe.