Ukuhlasela kwa-Lee kuhlela umdlalo ozocacisa nge-series

Momentum Proteas batter Lizelle Lee

Momentum Proteas batter Lizelle Lee

Indlela yokuhlasela yama-runs awu-60 emabholeni awu-31 ehlanganiswe u-Lizelle Lee kusize ukuthi ama-Proteas esifazane alinganise i-T20 series enemidlalo emihlanu kube u-2-2 emuva kokunqoba umdlalo ngezinti ezine e-Willowmoore Park e-Benoni ngo-Lwesithathu.

Lomdlali oshaya ngesandla sokudla ushaye o-four abawu-11 njengoba iqembu lasekhaya libeke umphumela wesibili omkhulu kuma-T20 international ukujaha umphumela onzima u-173 futhi banqobe kusele amabhola amahlanu.

Kube umzamo omuhle ka-Lee, u-50 wakhe wesishagalolunye kuloluhlobo lwekhilikithi, futhi kusize ama-South Africans ahlele umdlalo ozocacisa nge-series enkundleni efanayo kusasa.

Bedinga ukunqoba umdlalo ukuze bangahlulwa kumqhudelwano, iqembu lasekhaya likhethe ukushwiba kuqala emuva kokunqoba i-toss, isinqumo esibukeke singalungile ekuqaleni njengoba i-Pakistan ihlanganise umphumela ophezulu kunayo yonke kwi-series.

Oshaye kakhulu u-Nida Dar njengoba ethole i-career-best u-75 osheshile kuno-Lee – ukuhlasela kwakhe kuthathe amabhola awu-37 okubalwa khona o-four abayisishagalombili no-six abathathu. Iqembu lase-Asia lizithole enkingeni kabili ngaphambi kwalokho emuva kokuthiu-Shabnim Ismail (2/20) no-Nadine de Klerk (1/40) bahlasele ekuqaleni ukubashiya ku-10/2. Kodwa ukapteni u-Bismah Maroof (37) uphinde watakula iqembu lakhe ngokuhlanganisa u-106 ngenti yesithathu eshaya no-Dar, ngaphambi kokuthi u-Aliya Riaz ashaye u-35 emabholeni awu-17 ukuqhuba iqembu ngasekugcineni.

Lokho kukhuphule i-Pakistan ku-172/5, umphumela obumkhulu kwiqembu lasekhaya. Nokho u-Lee, ebenezinye izinhlelo futhi waliqalisa kahle iqembu lakhe eshaya no-Tazmin Brits (18) bobabili bahlanganisa u-74 kuma-overs awu-7.5.

Izinti ezimbili ezisheshile kwizivakashi kubeke i-South Africa ku-89/2, ngaphambi kokuthi o-20s ababalulekile abashaywe u-De Klerk no-Chloe Tryon (21) kanye no-17 emabholeni ayisishagalolunye okushaywe ukapteni u-Sune Luus kubadlulisele phambili. Bekusalele u-Sinalo Jafta (14) no-Ismail (10 engaphumanga) ukunqobisa i-South Africa.

Yonke i-T20 series phakathi kwe-South Africa ne-Pakistan izovezwa ku-YouTube we-Cricket South Africa. Ukuhamba komdlalo kuzotholaka ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa). Ungaphinde ukuthole ku-1World Sports Radio.

Tweet us: @GuerillaSA
Listen at www.1WSR.com



Proteas Women T20 team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northens), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West).

Tour Itinerary

Thu 23 Day 5th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni