Okuhle nge-T20 ka-Iram Javed kubeka i-Pakistan phambili ngo-2-1 idlala ne-South Africa

Tazmin Brits of South Africa during the 2019 3rd Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the The Oval, Pietermaritzburg on the 19 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Tazmin Brits of South Africa during the 2019 3rd Women T20 Cricket match between South Africa and Pakistan at the The Oval, Pietermaritzburg on the 19 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Imizamo yama-career-best ka-Tazmin Brits no-Moseline Daniels akwanelanga njengoba ama-Proteas esifazane ahlulwe ngezinti ezine behlulwa i-Pakistan kumdlalo wesithathu we-T20 International e-City Oval e-Pietermaritzburg ngeSonto.

Ovula umdlalo u-Brits ushaye u-70 emabholeni awu-61 (9 fours, 1 six) ukusiza iqembu lasekhaya lifike ku-138/3 emuva kokuthi bahlulwe kwi-toss futhi kwathiwa bashaye kuqala ntambama ngentwasabusika e-Midlands KwaZulu-Natal.

Kubukeke kungeke kwenzeke kuma-overs okuqala amathathu njengoba izivakashi zibekwe ku-3/3 ngenxa ka-Shabnim Ismail othole u-2/6, kodwa u-55 (45 balls, 7 fours, 1 six) ka-Iram Javed kunqobise iqembu lakhe kusele amabhola amabili.

Kwindima yakhe, u-Daniels uthole u-4/20, kodwa akwanelanga njengoba i-South Africa izithole ingemuva ngo-2-1 kwi-series enemidlalo emihlanu. Kuphoxile ukuhlulwa, ikakhulukazi njengoba babukeke beyiqembu eliqinile esikhathini esiningi kumdlalo.

Usheshe waphuma u-Lizelle Lee (2), ngaphambi kokuthi u-Britz no-Nadine de Klerk (36) benze inhlanganiso yama-runs awu-80 ukubabeka endleni yabo, ngaphambi kokuthi ukapteni u-Sune Luus, ashaye u-28 osheshayo emabholeni awu-18 – iqembu lasekhaya libeka u-139 ukuze banqobe.

u-Ismail no-Daniels bamangaze abashaya phezulu kwi-Pakistan ngokubakhipha ngo-0, u-1 no-2 – u-Javeria Khan, u-Bismah Maroof no-Umaima Sohail abahlulekile nokudlala indima. Bese kwafika umsebenzi wokwakha i-innings njengoba u-Nida Dar no-Javed behlanganise u-77 ngenti yesine.

Nokho belahlekelwe izinti, izivakashi azihlushwanga i-run rate. Emuva kokuphuma u-Dar ngama-runs awu-32, u-Aliya Riaz (30) usekele u-Javed ukubeka i-Pakistan encupheni, u-Kainat Imtiaz (7) no-Sana Mir (6) obadlulisile.

Manje i-series idlulela e-Benoni kusele imidlalo emibili, owodwa uzodlalelwa e-Willowmoore Park ngo-22 May 2019.



Yonke i-T20 series phakathi kwe-South Africa ne-Pakistan izovezwa ku-YouTube we-Cricket South Africa. Ukuhamba komdlalo kuzotholaka ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa). Ungaphinde ukuthole ku-1World Sports Radio. Tweet us: @GuerillaSA Listen at www.1WSR.com

Proteas Women T20 team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northens), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West) Zintle Mali (Border).

Tour Itinerary

Wed 22 Day 4th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni
Thu 23 Day 5th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni