U-50 ka-Kapp no-Lee kulinganisa i-T20 series

Marizanne Kapp of South Africa celebrates her half century

Marizanne Kapp of South Africa celebrates her half century

U-50 wokuqala ka-Marizanne Kapp kwindima yakhe entsha yokushaya phezulu kusize ama-Proteas esifazane ahlule i-Pakistan ngezinti eziyisishagalombili kusele ibhola elilodwa kumdlalo wesibili we-T20 International e-City Oval e-Pietermaritzburg ngoMgqibelo.

i-all-rounder ishaye u-56 emabholeni awu-51 o-four abane ukusiza iqembu lasekhaya lijahe u-129 ukuze linqobe futhi lilinganise i-series enemidlalo emihlanu kube u-1-1 ngaphambi komdlalo wesithathu enkundleni efanayo ngeSonto.

Kube nokusekelwa okufanayo kwa-Kapp okuphume ku-Lizelle Lee, oshaye u-56 emabholeni awu-52 okubalwa khona o-four abahlanu no-six owodwa. Kube impendulo enhle kubadlali ba-Hilton Moreeng emuva kokuthi bahlulwe kalula kumdlalo wokuqala.

Oshwiba ngokushesha u-Kapp ebephakathinendawo kumdlalo, naye wakhipha inti eyodwa ngama-runs awu-28 (1/28) kuma-overs akhe amane emuva kokuthi izivakashi zinqobe i-toss futhi zikhethe ukushaya kuqala.

u-Javeria Rauf (16) no-Umaima Sohail (23) babaqalise kahle, ngaphambi kokuthi u-Sune Luus (2/29) ahlasele kabili ukubashiya ku-61/3 nge-over yesi-12. Ukapteni othembekile, u-Bismah Maroof, uphinde wadlala kahle eqenjini lakhe njengoba eshaye u-63 engaphumanga emabholeni awu-47 (9 fours) ukubeka iqembu lakhe ku-128/5.

Ngaphandle kwa-Kapp no-Luus ngebhola, u-Tumi Sekhukhune (1/12) no-Shabnim Ismail (0/17) abashwibe kahle ngezinti eziyisikhombisa phakathi kwabo. Ama-South Africans alahlekelwe u-Taznim Brits enama-runs awu-17 nge-over yesihlanu, kodwa kwaqhamuka inhlanganiso yama-runs awu-96 ngenti yesibili phakathi kwa-Kapp no-Lee, othole u-50 wakhe yesishagalombili kuma-T20 international.

Umdlalo wesibili uzodlalelwa e-Pietermaritzburg Oval ngo-19 May 2019 (kusasa) kusukela ngo-13h00. Yonke i-T20 series phakathi kwe-South Africa ne-Pakistan izovezwa ku-YouTube we-Cricket South Africa.

Ukuhamba komdlalo kuzotholaka ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Proteas Women T20 team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northens), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West) Zintle Mali (Border).

Tour Itinerary

Sun 19 Day 3rd Women’s T20I Pietermaritzburg Oval Pietermaritzburg

Wed 22 Day 4th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni

Thu 23 Day 5th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni