South Africa ne-Pakistan bayalingana kwi-ODI yokugcina, balingana ngo-1-1 kwi-series

Sune Luus of South Africa and Bismah Maroof of Pakistan receive a trophy from Corrie van Zyl, CSA Head: Cricket Pathways as the teams shear the Trophy during the 2019 One Day International match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 12 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Sune Luus of South Africa and Bismah Maroof of Pakistan receive a trophy from Corrie van Zyl, CSA Head: Cricket Pathways as the teams shear the Trophy during the 2019 One Day International match between South Africa and Pakistan at the Sahara Park Willowmoore Stadium, Benoni on the 12 May 2019 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Ukapteni u-Sune Luus ushaye u-80 bese u-Masabata Klaas wakhipha izinti ezintathu kodwa bekunganele njengoba i-Pakistan ikwazile ukulinganisa umdlalo wesithathu obuzocacisa we-ICC Women’s Championship (IWC) One-Day International bedlala nama-Proteas e-Benoni ngeSonto – okusho ukuthi i-series iphele ngokulingana e-Willowmoore Park.

Iqembu lasekhaya likwaze ukuhlanganisa u-265/6 emuva kokushayiswa kuqala, kodwa izivakashi ziphendule ngo-265/9 njengoba u-Aliya Riaz eshaye i-career-best yakhe. Kuphoxile ukuqeda i-series ngaleyandlela, nokho iqembu neqembu lithole iphuzu elilodwa lenze umehluko omncane kwitafula le-IWC, ama-South Africans esesikhundleni sesine namaphuzu awu-16 i-Pakistan yanyukela esikhundleni sesihlanu namaphuzu awu-15.

Wonake umdlalo, ukushintshashintsha kodwa kubukeka sengathi uzonqotshwa iqembu lasekhaya kanti imizamo ka-Riaz ibeke iqembu lakhe ku-243/6.

Ukuhlasela kabili kwa-Klaas (3/55) ne-run out ka-Chloe Tryon ibiyisele izinto ngasesandleni seqembu lasekhaya, kodwa u-six oshaywe u-Nashra Sandhu ibhole elingaphambi kwelokugcina, yilona elicacisile njengoba womabili amaqembu alingane okokuqala bedlala ndawonye.

Ekuqaleni kosuku, ama-South Africans ebehamba phambili njengoba abavula ngokushaya bethole o-50, u-Lizelle Lee (57 off 61 balls, 10 fours) no-Laura Wolvaardt (56 off 84 balls, 5 fours).

Kube okwesi-17 nesi-13 ngokulandelana kwabo bethola o-50 kuloluhlobo lwekhilikithi. Inhlanganiso yabo yokuqala kube u-75, ngaphambi kokuthi u-Luus (80 off 84 balls, 6 fours, 2 sixes) no-Wolvaardt bahlanganise u-60 ngenti yesithathu ukugcina iqembu lasekhaya lihamba phambili.

Ubambelelile ukapteni kwaze kwaba ingasekugcineni kwe-innings, u-Tryon (28) wanezezela ngama-runs asheshile ukusiza iqembu lakhe lihlele u-266. Ekuqaleni i-Pakistan ibekwe ku-37/3 njengoba u-Shabnim Ismail (1/42), u-Marizanne Kapp (2/57) no-Klaas behlaselile – u-Klaas, okade ethole i-hat-trick kumdlalo odlule, ukhiphe umdlali oyingozi ukapteni u-Bismah Maroof enama-runs amathathu.

Kodwa u-Javeria Khan (74 off 103 balls, 9 fours) no-Nida Dar (27) bazamile, kwalandela u-Riaz oshaye u-71 (82 balls, 6 fours, 3 sixes) okuyikona okucacisile. Womabili amaqembu adlulela kwi-T20 international series enemidlalo emihlanu ezoqala e-Assupol Tuks Oval ePitoli ngoLwesithathu, 15 May.

Lonke uhambo le-Pakistan e-South Africa luzovezwa ku-YouTube we-Cricket South Africa. Ukuhamba komdlalo kuzotholaka ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Proteas women’s ODI team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (wicket-keeper, North West), Andrie Steyn (Western Province), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northens), Zintle Mali (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West).

Proteas women’s T20 team

Suné Luus (captain, Northerns), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal Coastal), Lizelle Lee (North West), Tazmin Brits (North West), Laura Wolvaardt (Western Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Mignon du Preez (Northerns), Tumi Sekhukhune (North West), Masabata Klaas (North West), Marizanne Kapp (Eastern Province), Nadine De Klerk (Northens), Moseline Daniels (Border), Nondumiso Shangase (KwaZulu-Natal Coastal), Sinalo Jafta (wicket-keeper, North West).

Tour Itinerary

Wed 15 Day 1st Women’s T20I Assupol Tuks Oval Pretoria
Sat 18 Day 2nd Women’s T20I Pietermaritzburg Oval Pietermaritzburg
Sun 19 Day 3rd Women’s T20I Pietermaritzburg Oval Pietermaritzburg
Wed 22 Day 4th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni
Thu 23 Day 5th Women’s T20I Willowmoore Park Benoni