Kuhlezi kunzima ukunqoba kwi-sub-continent – u-De Kock

Standard Bank Proteas wicket keeper Quinton de kock captain of South Africa watches the ball after playing a shot during the 5th ODI between Sri Lanka and South Africa at R. Premadasa Stadium on August 12, 2018 in Colombo, Sri Lanka. (Photo by Sameera Peiris/Gallo Images)

Standard Bank Proteas wicket keeper Quinton de kock captain of South Africa watches the ball after playing a shot during the 5th ODI between Sri Lanka and South Africa at R. Premadasa Stadium on August 12, 2018 in Colombo, Sri Lanka. (Photo by Sameera Peiris/Gallo Images)

Ukapteni obambile wama-Standard Bank Proteas, u-Quinton de Kock, uthi uthatha ukuziqhenya ekubuyeni kweqembu lakhe ukunqoba i-One-Day International (ODI) series bedlala ne-Sri Lanka nokho bengenzanga kahle kwimidlalo emibili yokugcina.

u-De Kock, ongenele u-Faf du Plessis olimele, uthi ikhono lokubeka ukuhlulwa kuma-Test eceleni ngokunqoba i-ODI series ngo-3-2 kusho okukhulu ngesimilo seqembu.

“Ukufika e-Sri Lanka nakwi-sub-continent, hlezi kunzima ukunqoba i-series lapha,” esho emuva kokuhlulwa ngendlela ephoxekayo ngama-runs angu-178 ngeSonto.

“Sakubona kwimidlalo yama-Test, kwakungekho lula kithina. Sangena kuma-ODI sinemoya ephansi, futhi ukunqoba imidlalo yokuqala kanye ne-series kwasijabulisa njengeqembu. Ukwenza kwimidlalo yokuqala kuyanezezela kulokho, kwakungekho lula ekuqaleni kodwa sakwenza.”

Abakhethayo basebenzisa imidlalo yokugcina embili njengethuba lokushintsha izinto, okubaluleke kakhulu, kubeke umthwalo omkhulu kubadlali abancane abaphosayo bedlala ngaphandle kwa-Kagiso Rabada noma u-Lungi Ngidi kuleyomidlalo. u-Ngidi uqede enama-wicket amaningi angu-10, kwathi u-Kagiso Rabada wangaphisana ngama-runs ebhekene nabashayi abakhulu be-Sri Lanka.

“Labo bobabili baphezulu ekuphoseni,” u-De Kock ekhuluma ngo-Rabada no-Ngidi. “Sebenesikhathi kwimidlalo yama-Test nama-T20. Hlezi bebheke ukuthola ama-wicket, bayazithathela ama-wicket futhi bahlasela ngasekuqaleni kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi. Yingakho sinike abadlali abasha abafana no-Junior (Dala) nabanye abaphosa nge-seam ithuba lokufunda ukuthatha ama-wicket kanye nendlela yokuphosa kwezinye izimo. Lokho okuhle esingakuthatha kulemidlalo embili.”

“Uma udlalisa abadlali abancane ayohlezi ekhona amaphutha,” esho evuma. “Uma kufundelwe kukho uma kuyela phambili, yilokho okubalulekile.”

Ukubaluleka kwa-JP Duminy eqenjini kugqamile kwi-series. i-all-rounder ethole ama-runs angu-227 nge-average engu-57 – kanye ne-strike rate esingu-136 – futhi wadlala indima ngokulawula kahle ibhola kanye namandla enkundleni ukuthola umklomelo we-Man of the Series.

“u-JP ungene kwi-series enomqondo okhululekile, futhi kwamusebenzela kahle,” ukapteni emncoma. Uyaphinda adlulise lokho kwiqembu, uhola iqembu ngasekushayeni, ekuphoseni kanye nasekuvimbeni, uyi-all-rounder. Kuhle ukuba naye ekulesimo akuso, uzoba ingxenye enkulu eqenjini kuyela phambili.“

Ama-Proteas azodlala umdlalo owodwa we-T20 International ngoLwesibili ukuvala i-tour.

Monday, 13 August

South Africa have no training or media activities scheduled.

Tuesday, 14 August

Only T20I

Sri Lanka v South Africa, R. Premadasa Stadium

19h00