Ama-Proteas afuna ukuyiqeda kahle i-tour

COLOMBO, SRI LANKA - AUGUST 11: JP Duminy of South Africa having a laugh while he speaks to media during the South African national mens cricket team training session at R. Premadasa Stadium on August 11, 2018 in Colombo, Sri Lanka. (Photo by Sameera Peiris/Gallo Images)

COLOMBO, SRI LANKA - AUGUST 11: JP Duminy of South Africa having a laugh while he speaks to media during the South African national mens cricket team training session at R. Premadasa Stadium on August 11, 2018 in Colombo, Sri Lanka. (Photo by Sameera Peiris/Gallo Images)

Ama-Standard Bank Proteas asahlose ukuyiqeda kahle i-One-Day International (ODI) series bedlala ne-Sri Lanka kumdlalo wesihlanu e-R. Premadasa Stadium ngeSonto. i-Sri Lanka yabuya kahle ngokunqoba ngama-runs amathathu (nge-D/L Method) ngoLwesithathu, futhi bazobe behlose ukuphinde babuye ukuze babuyise isithunzi kwinkundla enela abantu abangu-35 000.

u-JP Duminy, ozohola iqembu kwi-T20 International eyodwa ngoLwesibili, uthi ukuqeda i-tour ngokunqoba kuzoba kuhle emuva kwe-Test series ephoxile.

“Noma i-series isinqotshiwe, sisamele izwe lethu, sifuna ukunqoba umdlalo,” esho e-Colombo ngoMgqibelo. “Akukho ukuphika ukuthi sizozinikela enkundleni. Muhle umdlandla wethu, futhi sifuna ukuzama futhi sinqobe le-T20 eyodwa elandelayo. Ukuphuma kwi-Test series esibenayo, kubalulekile kithina ukuyiqeda kahle i-tour. Ngiyathemba ukuthi wonke umuntu ugqugquzelekile ukuyiqeda kahle i-tour nokho sinezinsuku ezimbalwa ezisele.”

“Besikulindele ukuthi i-Sri Lanka izolwa kwimidlalo embili esele,” esho. “Sabacindezela kwimidlalo emthathu yokuqala, sadlala ikhilikithi enhle. Angicabangi ukuthi besisemuva kakhulu kwe-par kumdlalo wesine, sasikwindawo lapho esinganqoba khona kodwa i-Sri Lanka yaphosa kahle. Isifundo esisithathayo kumdlalo ukuthi besingakhalipha kakhulu kodwa besakha amathuba njengoba besifuna.”

u-Duminy uyena onama-runs amaningi kwi-series, angu-215 nge-average engu-72, futhi wadlala indima kwimidlalo emine kule-series. Ukuhlasela kwakhe kanye nomqondo omuhle kuvuse abashaya phakathi nendawo kuma-Proteas, okuqhubekayo nokubhekwa kanye nokulungiswa kuyona yonke imidlalo.

“Njengeqembu, siyishintshile indlela yethu yokudlala kancane,” esho echaza. “Sithathe umthwalo omningi, sinomqondo wokuhlasela. Ukhiye wethu ukwazi ukuthi sikujwayela kanjani lokho. Kukhona okumbalwa esingeke sikwenze kahle, njengoba sabona kumdlalo wokugcina, kodwa okuhle ukuthi sinethuba lokufunda.”

Umdlalo kumele uqale ngo-14h30.