u-Phehlukwayo uyahluma ngomthwalo wakwi-death

Stanard Bank Ptoteas players Lungi Ngidi (L) and Andile Phehlukwayo (R) having a chat during the South African national mens cricket team nets session (Photo by Isuru Sameera Peiris/Gallo Images)

Stanard Bank Ptoteas players Lungi Ngidi (L) and Andile Phehlukwayo (R) having a chat during the South African national mens cricket team nets session (Photo by Isuru Sameera Peiris/Gallo Images)

i-Standard Bank Proteas all-rounder, u-Andile Phehlukwayo, uthi uyahluma kumthwalo anikwa wona ngasekupheleni kwe-innings kwi-One-Day International (ODI) series edlalwa ne-Sri Lanka. Lomdlali oneminyaka engu-22 yayiqala kancane i-series kumdlalo wokuqala, kodwa ukusebenza nomqeqeshi, u-Ottis Gibson, kanye nokufunda emaphutheni akhe kulethe umsebenzi ongcono kunqotshwa ngama-wicket amahlanu kumdlalo wesibili e-Dambulla ngoLwesithathu.

Uthole u-3/45 kwi-spell sakhe esebenzisa kahle okuhlukile – ikakhulukazi kuma-overs asekugcineni – okwasiza ukubeka i-Sri Lanka ku-244/8.

“Ngokwami, ngabukela umabonakude nomqeqeshi ukubheka ukuthi kukhona yini ebengakuthola noma engakulungisa kumdlalo wokuqala,” esho. “Ngazama ukusebenzisa okuhlukile ngasekugcineni, ngazama ukushaya i-pitch kakhulu. Saqeqesha kahle ngayizolo futhi abafana benzakahle ukubhekana nabashayayo. Lokho kwangifundisa ukusebenzisa izinhlelo zami uma umdlali oshayayo engihlasela kumdlalo.”

Lomdlali oshaya kakhulu ngesandla sesinxele wayekhona futhi ngasekugcineni ngokushaya, kanye nenye i-all-rounder u-Wiaan Mulder, wabekezela ukunqobisa ama-Proteas kwisimo esikhohlisayo. u-Phehlukwayo usekhombisile ukuthi wake wanqobela ama-Proteas imidlalo ngaphansi kwencindezi, ngokushaya ama-runs angu-42 engaphumile bedlala ne-Australia eThekwini kanye nokuba ngaphansi kwencindezi bedlala ne-New Zealand e-Hamilton onyakeni odlule.

“Kube okokuqala ngithola ithuba lokushaya kule-tour, bekukhohlisa, amabhola okuqala ambalwa ashintshile futhi adabuka kaningi,” esho echaza. “Ngibe nokuzithemba okuningi emuva kokudlala i-reverse-sweep engakuthanda kakhulu. Usemningi umsebenzi okumele ngiwenze, ukujwayela isimo ngeke kubelula. Ngakuthanda kakhulu futhi ngiyahluma ekuthatheni indima futhi nokubakhona ekugcineni. Benginenhlanhla yokubakhona ekugcineni okuyinto engiziqhenya ngayo.”

Kuma-Proteas, i-ODI yesithathu e-Pallekele Stadium e-Kandy ngeSonto iletha ithuba lokunqoba i-series kwi-island, okwake kwatholwa kanye ngaphambili – u-2-1 ngo-2014.

“Yilelo igoli okwamanje,” u-Phehlukwayo ekhuluma ngokunqoba i-series. “Abafana basebenza kanzima, bakahle futhi sidlala ikhilikithi enhle njengeqembu. Asizifaki ngaphansi kwencindezi kodwa yinto esingathanda ukuyenza. Amaqembu awajwayele ukufika lapha futhi anqobe, nokuba ngaphambili ngo-3-0, lokho yinto esingathanda ukuyinqoba njengeqembu.”