u-Shamsi uncoma isimo sasekhaya kuhlulwa i-Sri Lanka

Standard Bank Proteas bowler Tabraiz Shamsi South African Bowler celebrates the wicket of Akila Dhanajaya  (Photo by Isuru Sameera Peiris/Gallo Images)

Standard Bank Proteas bowler Tabraiz Shamsi South African Bowler celebrates the wicket of Akila Dhanajaya (Photo by Isuru Sameera Peiris/Gallo Images)

i-left-arm wrist spinner sama-Standard Bank Proteas, u-Tabraiz Shamsi, ukholwa ukuthi isipiliyoni sakhe sesimo sase-South Africa simusizile kuyela kumdlalo wakhe we-career-best ka-4/33 ekunqobeni ngama-wicket amahlanu bedlala ne-Sri Lanka kwi-One-Day International (ODI) yokuqala e-Dambulla ngeSonto. i-spinner besijatshuliswe i-pitch yase-Rangiri Dambulla International Stadium ayichaze njengefanayo nase-highveld ekhaya.

“Emaqinisweni, ngiyizwe ifana ne-wicket yase-South Africa,” esho emuva komdlalo. “Ibingekho i-spin eningi, ikakhulukazi ngoba siphose kuqala. Siphosa isikhathi esiningi kuma-pitch afana nale ekhaya ngakho bekujwayeleka.”

u-Shamsi, kanye ne-left-arm spinner, u-Keshav Maharaj, bakhethwe njengama-spinners amabili ahamba phambili ngaphambi kwa-Imran Tahir, ophunyuziwe ukuze abakhethayo babheke abanye abaphosayo. Nokho umsebenzi wakhe ucacisile ngendima yakhe njengothatha ama-wicket, lomdlali oneminyaka engu-26 uthi angajwayela noma yisiphi isimo esidingwa iqembu.

“Njalo uma ngidlala, ngizama ukwenza okuhle kwiqembu,” esho echaza. “Ukapteni nomqeqeshi banginike inkululeko yokuzama kanye nokuziveza, ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukudlala indima namhlanje. Ikhilikithi umdlalo ohlekisayo, ngeke uhlezi unosuku oluhle, ngezinye izikhathi izinto angeke zihambe kahle. Nginikwe inkululeko yokuziveza futhi ngizame nokuthatha ama-wicket, ngelinye ilanga umsebenzi wami kungaba ukuvimba kanye nokubamba umdlalo. Kuhambisana nokuthi kudingekani kimina.”

Uncome abaphosa ngebhola elisha u-Kagiso Rabada (4/41) no-Lungi Ngidi (1/29), abakhiphe abashaya phezulu kuma-overs okuqala ayisishagalombili ukushiya iqembu lasekhaya ku-35/5. u-Rabada (49) no-Ngidi (5) banama-ODI caps angu-54 phakathi kwabo, kodwa baphose ngamandla kanye nenhloso ukuhola abaphosa nge-seam abangenaso isipiliyoni.

“Nokho ngikwazile ukukhipha abashayayo abathole ama-runs, abaphosa ngokushesha benze walula umsebenzi wethu,” kusho u-Shamsi. “Noma yiliphi iqembu eliphunyelwe ama-wicket amahlanu enama-runs angu-30 kwenza umsebenzi ubelula. Ngiyayincoma i-Sri Lanka ngokusondela kuma-runs angu-200 emuva kokuqala ngaleyandlela. Ngiyakujabulela ukwenza umsebenzi wami uma nginikwe ibhola, ukuthatha ama-wicket.”

Umdlalo wesibili uzodlalelwa enkundleni efanayo ngoLwesithathu.