Ama-SA U19s ahlele ukuqeda i-One-Day series

Coca-Cola South Africa U19s players Wandile Makwetu (L) and Thando Ntini (R).

Coca-Cola South Africa U19s players Wandile Makwetu (L) and Thando Ntini (R).

Ama-Coca-Cola South Africa under-19s azobe ebheke ukunqoba i-Youth One-Day series uma bedlala ne-England e-Northumberland ngoLwesine.

Emuva kokuba ngaphambi ngo-1-0 kwi-series yemidlalo emithathu ngokunqoba ngama-runs angu-79 ngoMsombuluko, izivakashi ziyazithemba kuyela kumdlalo wesibili.

"Saqala kahle kumdlalo wokuqala, kodwa akunqotshwe lutho (i-series)," kusho umqeqeshi u-Lawrence Mahatlane. "Kubalulekile ukuthi abafana bancike kwizimfundiso futhi baqhubeke nokwenza izinto ezincane kahle. Sinomdlalo obalulekile lapha futhi ngikulindele ukunika abanye abadlali ithuba lokuziveza."

Njengoba egculisekile ngendlela iqembu lakhe eliyinqobe ngayo i-ODI yokuqala e-Durham, u-Mahatlane uyalixwaya iqembu lasekhaya futhi uyakholwa ukuthi lingabuya ngamandla ukugcina amathemba abo kwi-series. Uthe kuzobaluleka ukuthi iqembu lakhe likhuphule izinga lakumdlalo wokuqala.

“Nginsesiqiniseko sokuthi i-England izobuya ngamandla,” umqeqeshi eqhubeka. “Benze ushintsho kwiqembu labo, baletha abadlali abanesipiliyoni, ngakho kuzobakuhle ukubona ukuthi sizobhekana kanjani nabo. Ngiyajabula ngamalungiselelo kwiqembu lethu. Abadlali bazimisele ukubuyea enkundleni futhi badlale kangcono kunakuqala. Sakhela igoli elikhulu futhi kunamathuba okuthi abadlali baveze amakhono abo, yingakho kubalulekile ukunika wonke umdlali ithuba lokudlala kanye nesipiliyoni sezimo ezihlukile.”

Ukapteni weqembu, u-Wandile Makwetu naye ujabule ngokunqoba, kodwa njengomqeqeshi wakhe, ukholwa ukuthi sikhona isikhala sokulungisa.

"Ngiyajabula ngendlela ohambe ngayo umdlalo wokuqala," ephawula.

"Ngasekushayeni, abadlali abancane bazophoxeka ngokuqala kahle kodwa bahluleka ukuqhubeka, kodwa nginesiqiniseko sokuthi bazofuna ukulungisa lokho kumdlalo olandelayo. Sikwazile ukushaya ama-overs angu-50 futhi sakwazi ukusebenzela wonke ama-runs futhi uphawu oluhle lolo ukuthi sibheke endaweni enhle.

“Abaphosayo bangena futhi bahlasela kusukela ebholeni lokuqala,” eqhubeka u-Makwetu. “Ngicabanga ukuthi sakwenza kwabanzima ukuthi bashaye, bangakhululeka futhi sahlasela njalo sangabavumela ukuthi baphunyuke. Kuzomele sithole indlela yokuthola umdlalo ofanayo. Ngiyazigqenya ngendlala abafana abasebenza ngayo, wonke umuntu angaziqhenya ngendima ayidlala.”

"Sifuna ukuqhubeka siqine. Sisendaweni enhle manje njengoba sanqoba i-ODI yethu yokuqala, kodwa eyokuqala kuphela futhi sibheke ukunqoba ne-series."

Umdlalo wesibili we-Youth ODI uzoqala ngo-12:00 (SAST).

Coca-Cola South Africa under-19 squad
Wandile Makwetu (captain, Northerns), Jonathan Bird (Western Province), Curtis Campher (Northerns), Archille Cloete (Boland), Jade de Klerk (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Mondli Khumalo (KZN Inland), Thamsanqa Khumalo (KwaZulu-Natal Dolphins), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jason Niemand (Border), Thando Ntini (Western Province), Gideon Peters (Northerns), Sinethemba Qeshile (Border), Joshua Richards (Gauteng), Louis van Schalkwyk (North West).

Tour schedule
Thursday, 26 July 2018 – 2nd Youth ODI (South Northumberland CC)
Sunday, 29 July 2018 – 3rd Youth ODI (Scarborough)