Ama-Proteas ashintshela kuma-ODI

JP Duminy  (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

JP Duminy (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Ama-Standard Bank Proteas aseshintshe ukugxila kwi-One-Day International (ODI) series yemidlalo emihlanu bedlala ne-Sri Lanka eqala e-Dambulla ngeSonto.

Iqembu liqeqeshe okokuqala e-Colombo ngoLwesithathu, futhi bazobhekana ne-Sri Lanka Board XI kumdlalo wama-over angu-50 wokulungiselela ozodlalwa ngoLwesine e-P. Sara Oval.

Abadlali abasha – u-JP Duminy, u-David Miller, u-Andile Ohehlukwayo, u-Wiaan Mulder, u-Junior Dala no-Reeza Hendricks bahlangane neqembu, okuletha amandla amasha kulandela ukuhlulwa okuphoxile kei-Test series.

i-all-rounder, u-JP Duminy, uthi iqembu lizongena kwi-series nombono omusha ebholeni elibomvu.

“Abadlali banomoya omuhle,” ekhuluma ngomoya kwikhempu. “Ufuna ukuzama kanye nokukususa (ukuhlulwa kwi-Test series) ngokushesha futhi uthathe ongakuthatha okuzonezela kwi-ODI ne-T20 series. Kunabadlali abambalwa abafika namandla amasha, okuzonezezela kwindawo. Izinto odlula kuzona kumsebenzi wakho, futhi angeke kube okokugcina. Kumele ufunde kukho futhi ubone ukuthi ungalungisa kanjani.”

“Iqembu elijabulisayo, basha,” ekhuluma ngeqembu. “Bebedlala kahle, bazisebenzele izindawo zabo eqenjini, okufaka thina esibadala ngaphansi kwencindezi. Baletha amandla ahlukile okuhle endaweni.”

u-Duminy wadlala umdlalo wakhe wokuqala we-ODI e-Colombo ngo-2004, futhi ungumdlali wama-ODI onesipiliyoni kwiqembu elikhona nama-caps angu-184. Ubuyela kwizwe elaletha inhlanhla exubile kwimidlalo engu-13 ayidlala, kodwa uthemba ukuthi i-series ingahluka kwama-tours adlule.

“Kuzoba ithuba lokufunda kunoma yimuphi umdlali wekhilikithi,” ekhuluma nge-series. “Sengibelapha izikhathi ezimbalwa, ngaba nama-tours anzima, kodwa ngaphinde ngathola impumelelo lapha. Ufuna ukuthatha kuleyompumelelo futhi ubuke kulokhu esikwenze kahle. Kwi-tour yokugcina (2014) senzakahle kuma-ODI’s nama-T20’s, sifuna ukuthatha lapho futhi sibone ukuthi singalungisa kanjani.”

“Ngizwa sengathi isimo angeke sihluphe njengakwi-Test series ngakho abashayayo bazothola amathuba amahle, kuzomele sikuthathe ngezandla zombili,” esho evala.

Umdlalo wokulungiselela wama-over angu-50 bedlala ne-Sri Lanka Board XI uzoqala ngo-10h00. Bonke abadlali abangu-15 bavumelekile ukudlala.