iSA U19s ingaphambili ngo-1-0 kwi-Youth ODI Series

CHESTER-LE-STREET, ENGLAND - JULY 23: Ollie Robinson of England (L)walks after being dismissed for 54 during the 1st ODI between England U19 and South Africa U19 at Emirates Riverside on July 23, 2018 in Chester-le-Street, England. (Photo by Ian Horrocks/Getty Images)

CHESTER-LE-STREET, ENGLAND - JULY 23: Ollie Robinson of England (L)walks after being dismissed for 54 during the 1st ODI between England U19 and South Africa U19 at Emirates Riverside on July 23, 2018 in Chester-le-Street, England. (Photo by Ian Horrocks/Getty Images)

U-50 ka-Jonathan Bird ne-four-wicket haul ka-Thando Ntini ihambe phambili kuma-Coca-Cola South Africa under-19s, anqobe kahle ngama-runs angu-79 edlala ne-England kumdlalo wokuqala we-Youth One-Day series e-Durham ngoMsombuluko. Izivakashi zingaphambili ngo-1-0 kwimidlalo emthathu.

u-Bird ushaye u-51 emabholeni angu-47, kwathi u-Ntini wathola u-4/19 kwi-spell sakhe sama-overs ayisishagalombili ukuliqalisa kahle iqembu labo.

i-South Africa ihlanganise u-229/9 ekupheleni kwama-overs abo emuva kokuthi bashayiswe kuqala. u-Bird ulibambe ngazo zombili izandla ithuba futhi wahlasela kwi-partnership ye-wicket yesibili yama-runs angu-54 no-Thamsanqa Khumalo emuva kokulahlekelwa u-Joshua Richards (5) kuphosa u-Jack Plom (1/43) kwi-over yesine.

Aqhubekile angena ama-runs kwizivakashi noma sekuphume u-Bird no-Khumalo (16) njengoba bethole o-30 ukapteni u-Wandile Makwetu (39) no-Sinethemba Qeshile (32). u-Curtis Campher unezezile nge-innings yama-runs angu-43 emabholeni angu-55 (3x4s, 1x6) emuva kokuhlasela kabili kwi-over yesi-30 u-Jason Cook (4/30) ekhipha u-Jason Niemand no-Jade de Klerk ngo-8 no-0 ngokulandelana kwabo.

u-Campher uhole umsila we-South Africa, bobabili bahlanganisa ama-runs angu-63 emuva kokushiywa ku-166/7 kwi-over yesi-37. u-Ntini ne-spinner u-Kgaudise Molefe banezezele ngo-12 no-8 ngokulandelana kwabo.

Bobabili bahlanganele ukuyiqalisa kabi i-England, bababeka ku-3/6 kuma-over okuqala amathathu ngesikhathi beshaya. u-Ntini uhlasele kuqala, kwalandela u-Molefe (2/29) kwi-over yesithathu ukuhlasela kabili njengoba kuphume u-Ben Charlsworth, u-Harrison Ward no-Jack Hayes bekhishwe bonke ngo-1.

Ukapteni u-Tom Banton (9) ukhishwe u-Campher (1/37) kuqala i-over yesi-11, okushiye owesihlanu oshayayo u-Oliver Robinson ukuqhubeka phambili. Abashaya phakathi nendawo, bathole ama-runs amaningi kwiqembu lasekhaya, kodwa u-54 (74 balls) kuhlushwe ama-wicket aphumayo, okubalwa la-Jack Davies (6) ngaphambi kokuthi abe owesibili okhishwe u-Ntini.

Emuva kokuthi u-Ntini no-Jade de Klerk (2/18) basheshe babakhipha abasele abashayayo, bakhiphe iqembu lasekhaya ngo-150 kusele okudlule kancane kuma-overs angu-10. u-Luke Hollman akaphumanga enama-runs angu-30 emabholeni angu-37.

Umdlalo wesibili uzodlalwa ngoLwesine, 26 July e-Newcastle.

Coca-Cola South Africa under-19 squad
Wandile Makwetu (captain, Northerns), Jonathan Bird (Western Province), Curtis Campher (Northerns), Archille Cloete (Boland), Jade de Klerk (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Mondli Khumalo (KZN Inland), Thamsanqa Khumalo (KwaZulu-Natal Dolphins), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jason Niemand (Border), Thando Ntini (Western Province), Gideon Peters (Northerns), Sinethemba Qeshile (Border), Joshua Richards (Gauteng), Louis van Schalkwyk (North West).

Tour schedule
Thursday, 26 July 2018 – 2nd Youth ODI (South Northumberland CC)
Sunday, 29 July 2018 – 3rd Youth ODI (Scarborough)