u-Mahatlane uzisola ngokushoda kwama-runs emuva kokuhlulwa kwi-Youth Test defeat

Coca-Cola South Africa under-19s coach, Lawrence Mahatlane.

Coca-Cola South Africa under-19s coach, Lawrence Mahatlane.

Umqeqeshi we-Coca-Cola South Africa under-19s u-Lawrence Mahatlane uyavuma ukuthi ukuhluleka kweqembu lakhe ngokushaya kube indima enkulu ekuhlulweni kwabo i-England kumdlalo wokuqala we-Youth Test ngoLwesibili. Izivakashi zibekwe ngaphansi kwe-par kuwona womabili ama-innings abo ngaphambi kokuthi iqembu lasekhaya linqobe ngama-wicket ayisishagalolunye owukwini lwesithathu e-Scarborough Cricket Club.

Emuva kokunqoba i-toss kanye nokukhetha ukushaya kuqala, inhloso ye-South Africa yokubeka umphumela omkhulu kwi-innings yokuqala kwi-surface enhle akuphumelelanga. Bobabili abavula umdlalo baphumile, u-Thamsanqa Khumalo no-Joshua Richards benama-runs angu-2 no-8 ngokulandelana kwabo ngaphambi kokuthi amanye ama-wicket amabili – ahlanganisa ukapteni u-Wandile Makwetu no-Sinethemba Qeshile – kushiye izivakashi enkingeni ku-87/4 ngesidlo sasemini osukwini lokuqala.

Nokho u-Jacob Miltz eshaye u-50 kanye nomdlalo omuhle ka-Jade de Klerk ngokushaya kunombolo-7, izivakashi zihlulekile ukubuya njengoba baqhubekile balahlekelwa ama-wicket ngaphambi kokukhishwa nama-runs angu-232.

“Siziphoxe thina ngokushaya kuwona wonke lomdlalo,” u-Mahatlane esho emuva komdlalo. “Okugqamile kimina ukuthi njengokuhlangana, asiwahlanganisanga ama-runs. Sashaya u-232 kwi-innings yokuqala ukusifaka ngaphansi kwencindezi, (ikakhulukazi) emuva kokunqoba i-toss.”

Iqembu lasekhaya liphendule ngokuthi, ukapteni we-England u-Tom Banton udlale kahle ngokushaya kubalwe umqeqeshi. Lokhu emuva kokuthi lomdlali oshaya ngesandla sokudla edlale kahle wahlanganisa ama-runs angu-137 (23x4s, 2x6s) njengoba eqhubekile waphuca izivakashi umdlalo, wasiza iqembu lakhe lafika ku-305 nokuba ngaphambili ngo-73.

“Kumele linconywe iqembu lase-England,” eqhubeka umqeqeshi. “Basidlale kangcono isimo kunathi.”

“Ukapteni wabo udlale kahle ngokuthola ikhulu, njengoba abadlali abathathu kuphela eqenjini labo abafikile kwizinombolo ezimbili kwi-innings yokuqala,” enezezela.

i-England idlula kumdlalo kuyela kwi-innings yesibili, abashayayo kwi-South Africa bahlulekile ukuphendula kahle kwincindezi abafakwe kuyo, njengokuhlaselwa akade kuholwa u-Jack Plom ngebhola. Lomdlali ophosa ngokushesha unezezele ngama-wicket amane kulawa amathathu awathole kwi-innings yokuqala, njengoba izivakashi zikhishwe ngo-161. Uqede umdlalo no-7/101.

“Ukulunga kwabadlali babo abaphosayo bekungcono kunokwethu, kodwa kube ukuqala kwe-tour futhi ngethemba sizokhula, uthi sikhule ngokushesha kuyela kumdlalo olandelayo,” kusho u-Mahatlane.

Ngesikhathi iqembu lasekhaya liyela kwi-innings yesibili bedinga ama-runs angu-89 ukunqoba, abavulayo u-Ben Charlesworth no-Oliver Robinson bawusheshisile umphumela, njengoba baqhubekile u-Robinson kuyena kuphela ophumile ngaphambi kokuthi banqobe.

i-South Africa izobheka ukubuya kumdlalo wesibili futhi wokugcina ozodlalelwa e-Riverside Ground e-Durham ngoMsombuluko 16 July.