i-England ingaphambili ngo-1-0 kwi-Youth Test series

Wandile Makwetu

Wandile Makwetu

Ophosa ngokushesha u-Jack Plom uhole i-England njengoba benqobile, ngama-wicket ayisishagalolunye kumdlalo wokuqala we-Youth Test bedlala nama-Coca-Cola South Africa under-19s e-Scarborough Cricket Club ngoLwesibili. Iqembu lasekhaya lingaphambili kwi-series yemidlalo embili.

Ngolunye usuku oluguqubele, u-Plom usebenzise isimo esimuvunile njengoba ekhiphe ama-wicket amane ngama-runs angu-56, ukumisa izivakashi kumphumela omncane u-161 kwi-innings yesibili, bengaphambili ngama-runs angu-88. u-Ben Charlesworth akaphumanga enama-runs angu-41, ehlangene no-Oliver Robinson oshaye u-34 emabholeni angu-27 (8x4s, 0x6s) okusho ukuthi i-England inqobe kuma-overs angu-14.

Ekuqaleni, i-South Africa iqale usuku kungayihambeli kahle njengoba obagcinile ukushaya u-Joshua Richards no-Jacob Miltz baphume no-19 no-7 ngokulandelana kwabo kuma-overs amabili. u-Richards ukhishwe indida phakathi kwakhe no-Miltz, ngaphambi kokuthi akhishwe ukapteni we-England nge-run out, u-Tom Banton. u-Miltz – othole ama-runs amaningi kwiqembu elivakashile kwi-innings yokuqala – ukhishwe u-Plom nge-wicket yakhe yokuqala yosuku, ngesikhathi elishayela ezandleni zika-Alfie Gleadall.

Bezimisele, i-England iyisebenzile i-batting order yezivakashi njengoba u-Plom elandelise ngeyesibili, ekhipha u-Sinethemba Qeshile enama-runs ayisishagalolunye ngaphambi kokuthi enye i-run out ikhiphe u-Thamsanqa Khumalo (12), ubuyile emdlalweni emuva kokuthatha umhlalaphansi ngoba elimele osukwini lokuqala.

Nokho bekunemfutho yokushaya ngasemuva kukapteni, u-Wandile Makwethu (17), u-Jade de Klerk (18), u-Achille Cloete (26) no-Mondli Khumalo (23), iqembu lasekhaya liyigcinile incindezi ngokuqhubeka nokuthola ama-wicket. Ehambisana no-Plom, u-Luke Hollman (2/30) we-England no-Gleadall (2/24) baqede i-innings benama-wicket amabili umuntu eyedwa.

i-South Africa izobe ibheke ukulungisa kakhulu kumdlalo wesibili we-Youth Test ozodlalelwa e-Riverside Ground e-Durham ngoMsombuluko, 16 July.


Coca-Cola South Africa under-19 squad

Wandile Makwetu (captain, Northerns), Archille Cloete (Boland), Jade de Klerk (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jarred Jardine (Gauteng), Mondli Khumalo (KZN Inland), Thamsanqa Khumalo (KwaZulu-Natal Dolphins), Jacob Miltz (Gauteng), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jason Niemand (Border), Thando Ntini (Western Province ), Gideon Peters (Northerns), Sinethemba Qeshile (Border), Joshua Richards (Gauteng), Louis van Schalkwyk (North West), Jonathan Bird* (Western Province), Curtis Campher* (Northerns).

*Jonathan Bird and Curtis Campher will join the team for the ODI series, replacing Jacob Miltz and Jarred Jardine.