u-Lee ubuka emuva kwi-tour enhle kuma-Momentum Proteas

Momentum Proteas opener Lizelle Lee

Momentum Proteas opener Lizelle Lee

Ohlezi ethuthuka ovulela ama-Momentum Proteas u-Lizelle Lee ujabulela angakubiza njenge-tour enhle kwi-South Africa okwamanje, nokho evuma ukuthi uzwa ekhathele engqondweni emuva kokubuya e-England.

Lo oneminyaka engu-26 ebephezulu kuwona wonke ama-averages kwimidlalo emithathu ye-One-Day International Series, izivakashi ezahlulwa kuwona ngo-2-1, nokho ebethole ama-runs amaningi kwiqembu lakhe kwi-Twenty20 Tri-Series ebine-New Zealand.

“Ngicabanga ukuthi i-tour yami enhle okwamanje uma ngicabanga ama-runs engawathola,” ephawula. “Ngaphambi kwe-tour, ngicabanga ukuthi ngabuyela kulokhu kwami okujwayelekile njengokuzama ukuthobeka futhi nokuzama ukungashayi kusukela ebholeni lokuqala. Ngangidlala kalula futhi ngithathe umdlalo nesimo njengoba kunjalo.”

u-Lee wathola ama-runs e-aggregate engu-211 ukuhamba phambili kuma-batting averages kuwona womabili amaqembu ku-105 kwimidlalo emithathu yama-over angu-50. Lokhu kubala ikhulu elilodwa no-50 oyedwa. Ebengowesibili owenze kahle kwi-South Africa kwimidlalo emine yama-T20, wathola ama-runs angu-122 kanye nomphumela omkhulu ongu-68.

Njengoba edlale kahle ngokushaya, u-Lee wathwala kanzima kwi-wicketkeeping, omunye umthwalo akwakumele awuthwale emuva kokuthi abakhethayo bakhethe ukunezezela kwikhono lakhe le-all-round.

“Kona (i-wicketkeeping) yangikhathaza kakhulu enqondweni kule-tour,” esho echaza. “Bekunzima ukwenza. Kodwa kumele ngibale ukuthi akungihluphanga kwezinye izindawo zomdlalo njengokushaya. Uma ngicabanga, kwangisiza.”

“Kuyela phambili ngicabanga ukuthi ngizofunda kwisipiliyoni. Ngizokuphinda futhi? Yebo, isifundo lesi kimina futhi ekupheleni kosuku umsebenzi wami futhi ngizosebenza kanzima ukulungisa. Ngethemba bazophinde bangicele kanti ngithemba ukuthi ngizokwazi ukwenza.”

u-Lee uphinde wancoma umdlali omncane odlala naye phezulu ekushayeni kwi-South Africa – u-Laura Wolvaardt. Lomdlali oneminyaka engu-19 ube nezinyanga ezimangazayo, futhi nokho engavuthanga emhlabeni e-England, ube ne-tour enhle ukunezezela kumsebenzi wakhe. Kube sengathi ukuba khona kwakhe kwasiza ashaya naye aqhakaze.

“Ngicabanga ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezidlulile ukuba no-Wolfie (Wolvaardt) eshaya ngale kungisizile,” u-Lee eqhubeka. “Ungumdlali othobekile futhi oqoqekile. Angashaya noma kanjani futhi name ngisebenzela lokho.”

“Nami ungithobile futhi sengiyazi ukuthi uma kushaya yena ngale, asikho isidingo sokuthi ngihlasele kusukela ngebhola lokuqala futhi lokho kukhulu futhi kungisizile ukuthi ngikhule njengomdlali wama-one-day. Ngiyakujabulela lokho.”

u-Lee ukhulume ngamele akwenze eqenjini. Ufuna ukuba umshini okhiqiza ama-runs kwi-South Africa, kunokuba umdlali osheshayo kuphela phezulu.

“Uma abantu becabanga ngami, bangibona njengomdlali oshaya kakhulu ngicabanga ukuthi kubanjalo ngezinye izikhathi,” enezezela. “Kodwa ngifuna ukushintsha kumdlalo wami we-ODI. Sngifuni ukwaziwa njengomdlali oshaya kakhulu, ngifuna ukuba umuntu ongashaya kwi-innings kwiqembu lami futhi ngidlale ngokwesimo. Ngakuzama kule-series futhi ngikholwa ukuthi kwangisebenzela kahle.”