u-Markram ujabulela inselelo yakwi-sub-continent

Standard Bank Proteas batsman Aiden Markram

Standard Bank Proteas batsman Aiden Markram

Oshayela ama-Standard Bank Proteas, u-Aiden Markram, uthi uyakujabulela ukudlala okokuqala kwi-sub-continent kwi-Test series yemidlalo embili bedlala ne-Sri Lanka ezoqala e-Galle ngo-July 12. Lomdlali ovula imidlalo wawuqala kahle umsebenzi wakhe kusukela umdlalo wakhe wokuqala ngo-October onyakeni odlule, wathola ama-runs angu-1 000 nge-average engu-55.55 kuma-Test angu-10.

Ngaphandle kohambo ne-South Africa Emerging eminyakeni emithathu edlule, kuzoba isivivinyo sangempela salomdali oneminyaka engu-23 kwisimo esikhetha i-spin. u-Markram uthi i-series ithuba lokuthi aziveze ukuthi uyakwazi ukuthola impumelelo kwisimo esingaphandlekwi-South Africa.

“Kubalulekile kimina,” esho ekhuluma ngokuqhubeka ne-form yakhe. “Njengomdlali ovulayo, uma udlala kahle uliqalisa kahle iqembu, kimina yilokho okubalulekile. Uma iqembu ligcina endaweni enhle ngizojabula. Ngijabulile, ngifuna ukudlala kahle kule-tour kodwa ngaphandle kokuzifaka ngaphansi kwencindezi ngoba kungaphandle kwe-South Africa. Angifuni futhi ukubizwa njengomdlali odlala kahle ekhaya kuphela.”

Iningi labadlali liqhamuka kwisimo esibandayo e-South Africa, kodwa abaqeqeshi basebenzela ukuqiniseka ukuthi abadlali - ikakhulukazi abashayayo - bangena kwi-series beyidlalile ikhilikithi. Amakhempu ambalwa ebekhona ePitoli ngaphambi kokuthi lihambe, imizamo yokuqiniseka ukuthi abadlali bangaqala kahle.

Ama-Proteas asehlale izinsuku ezintathu ezweni, futhi basebenzise isikhathi ukujwayela isimo esishisa kakhulu kwi-island. Iqembu lizodlala imidlalo embili yokuqeqesha ne-Sri Lanka XI ozoqala ngoMgqibelo, njengoba amalungiselelo ezangamandla ngaphambi komdlalo wokuqala ngesonto elizayo.

“Kuzohluka,” kusho u-Markram. “Noma isiphi isimo sakwi-sub-continent liletha inselelo ehlukile kwisimo sase-South Africa, ngikulindele. Isebusika ekhaya futhi ngizamile ukulingisela isimo sokuphosa nge-spin namabhola angahamba kancane, kune-bounce ekhaya. Sazama ngaphambi ngaphambi kokuthi sizwe ukuthi isimo salapha singahamba kanjani futhi kusukela manje kuzoba ukubheka ukuthi kunjani.”

“Ekhaya ama-wicket ahambe ahambe kancane kunesehlobo, lokho kwasisiza,” echaza. “Sashaya kuma-crease ahlukile futhi akhathele ukuzama nokuthola i-spin. Sazama ekhaya ukwenza kufane nalokhu ebesikucabanga. Asazi ukuthi i-wicket izobe injani uma sidlala i-Test yokuqala ngakho kumele sibheke nalokho.”

"Sijwayela isimo sezulu," eqhubeka. "Kucinene lapha kodwa ukuqeqeshwa bekuhamba kahle okwamanje. Asifuni ukusheshe sikhathale kulesimo sezulu kodwa amandla abafana mahle. Lokho kubalulekile kwisimo esifana nalesi."

Umdlalo wokuqeqesha uzodlalwa ngoMgqibelo nangeSonto e-P. Sara Oval e-Colombo. Umdlalo uzoqala ngo-10h00.