u-Moreeng uzohlasela nokungafani kulandela i-Tri-Series ephoxayo

The Momentum Proteas during a team training session.

The Momentum Proteas during a team training session.

Iphele ngokuphoxeka i-tour yase-England kuma-Momentum Proteas. Iqembu liqede indima yalo kwi-T20 Tri-Series ngokuhlulwa ngama-wicket ayisishagalombili e-Bristol ngesonto elidlule, umqeqeshi u-Hilton Moreeng ekhalaza ngokudlala ngokungafani kweqembu lakhe kwi-tour.

i-South Africa iqede ngezansi kwitafula le-Tri-Series, emuva kokuqala ngokuphoxeka kwi-series behlulwa ngemiphumela ephule amarekhodi behlulwa i-New Zealand ne-England ngokulandelana kwabo. Babuyekahle ngokunqoba ngama-runs ayisithupha behlula iqembu lasekhaya, kodwa baphinde bahlulwa ama-White Ferns ngoLwesine. Kubenzima kakhulu njengoba bebehlulwe ngo-2-1 kwi-One-Day International (ODI) series iqembu lasekhaya.

Ekhuluma ngokuhlulwa kwamanje, umqeqeshi u-Hilton Moreeng uthe: “Okokuqala, awanelanga ama-runs futhi akusekelwanga amakhono e-innings yesibili, obekuphoxa. Bekungaphansi we-par ngezinga lethu, ikakhulukazi uma ubheka ukuvimba, akusekelanga ukuphosa kwi-wicket lapho esuse i-pace futhi kwasebenzela abaphosayo – ukuvimba akufikanga kwi-par.”

Uma ebuzwa ngokuthi ucabanga ukuthi konakalaphi kwi-tour yase-England, ikakhulukazi emuva kokuqala kahle lapho ama-Proteas anqoba okokuqala eminyakeni engu-15 bedlala nompetha be-ICC Women’s World Cup, u-Moreeng ukhombe ukungafani kokusebenzisa amakhono, ikakhulukazi ekuvimbeni akade bekusebenzela isikhathi eside.

“Nakwi-ODI yesibili, kucishe kwafana nalomdlalo,” kuphendula u-Moreeng. “Yilokho kufana esishodangakho. Kuyona yonke i-series, ukuvimba bekungekuhle futhi indawo eyodwa okuzomele ekhaya siyibheke futhi sibone ukuthi singalungisa kanjani.”

“Kwikhilikithi emfushane efana ne-T20, asikwazi ukunika amathuba esiwanikayo. Indlela esivimba ngayo okwamanje angeke kusebenze,” eqhubeka.

Ukunqoba kwe-South Africa ngama-wicket ayisithupha ihlula i-England kumdlalo wabo wesithathu we-Tri-Series kukhombise ukuthi ikona kodwa okugqhamile kwi-triangular series, iqembu libe labuya emuva kokuhlulwa kanzima kwi-double-header.

“Uma ubuka usuku lokuqala ngesikhathi se-double-header, kwakukhona amakhulu amabili ahlanganiswa kudlalwa nathi futhi ubheke indlela esadlala ngayo,” esho. “Bese uphindela emuva futhi ulungiselele futhi umdlalo olandelayo, izinto zihambelane nezinhlelo. Indlela esadlala ngayo, indlela esaphosangayo futhi saqala ngendlela esiyaziyo, bese ufika osukwini olufana nalolu esabanalo sidlala ne-New Zealand, ukungafani kuyacasula.”

“Noma ubuka i-pitch, ebengekho amademoni amaningi khona. Sizwe sengathi ama-runs angu-20/30 ebengawenza umehluko,” kuqhubeka u-Moreeng.

Nokho i-series iphoxile, kwakukhona abadlali abagqhama kwi-South Africa kuqala ngokapteni, u-Dané van Niekerk owahola iqembu eshaya. Wathola o-50 ababili wagcina ethole ama-runs amaningi eqenjini angu-188. i-all-rounder, u-Suné Luus ne-wicketkeeper-batter u-Lizelle Lee nabo bashaya o-50. u-Lee wanezezela ngama-runs angu-122 kwi-series kulandela ukudlala kahle kuma-ODIs, njengoba athola ama-runs angu-211 okubalwa khona ikhulu no-50 oyedwa.

Kodwa u-Moreeng, ukholwa ukuthi abanye abashayayo bathwala kanzima, ukungabi khona kwama-partnerships kumisa ukuqhubeka kwabo.

“Kuloluhlobo lwekhilikithi, ungadlaladlala (nokukhetha okuhlukile). Ekupheleni kosuku, kuhambelana nesimo,” echaza. “Ukuthi ukushaya kwethu kule-series ayikaphakami, ngaphandle kwakapteni no-Lizelle Lee. Ibona abaqhubekayo nokuthola ama-runs kodwa ngaphandle kwalokho, besingenawo ama-partnerships anele, amakhulu no-50 eqenjini.”

“Siyahluleka ngasekushayeni, kodwa singaphindela emuva sikusebenzele futhi sinezinyanga ezintathu ngaphambi kwamalungiselelo e-T20 World Cup.”

“Kuningi okuhle okufundiwe kule-series,” eqhubeka. “Uma ubheka amaqembu amabili esadlala nawo, amaqembu alungile futhi ahlangene kahle. Sizothatha esingakuthola futhi sibone ukuthi singazishintsha kanjani ukuqiniseka ukuthi siqhubekela phambili.”

Kunokuningi okufundiwe okungathathwa kwi-tri-series, umqeqeshi ushintsha ukugxila kwi-series ezayo bedlala ne-West Indies ngaphambi kokuthi iqembu lidlale nabanye emhlabeni kwi-ICC World T20 e-West Indies ngo-November.

“Sizodlala ne-West Indies (ngaphandle) ngoSeptember, kwi-IWC (ICC Women’s Championship) ne-T20 series futhi siye kwi-World Cup,” eqhubeka. “Ngakho iningi ikhilikithi esazodlalwa kanye nama-T20 amaningi.”

“Ngenhlanhla yethu, sizosheshe sifike e-Caribbean futhi singajwayela isimo. Yebo, bekungeyona i-series enhle. Asiziqhenyi ngalokhu esikubonayo, kodwa kuningi esikufundile futhi ithuba lokuthi abanye abadlali babuye futhi basebenze.”