i-South Africa ‘isendaweni enhle’ ngaphambi komdlalo obalulekile we-Tri-Series ne-New Zealand

Momentum Proteas celebrating a wicket.

Momentum Proteas celebrating a wicket.

Ukunqoba kungenza okuningi ekukhuphuleni ukuzithemba kweqembu futhi ama-Momentum Proteas awahlukile njengoba bebheke umdlalo wabo wesine we-T20 Tri-Series benomoya ophezulu emuva komdlalo obunempumelelo bedlala ne-England ngempelasonto edlulile. Usekela kapteni, u-Chloe Tryon uthi konke kulungile uma behlangana ne-New Zealand kwimidlalo yabo yama-double-header e-Bristol ngoLwesine.

Emuva kokunqoba ngama-wicket ayisithupha bedlala ne-England ngoMgqibelo odlule, i-South Africa inomfutho futhi iyazi okudingekayo kubo uma befuna ukudlala kwi-final ye-Tri-Series ngeSonto. Ama-Proteas azodinga ukunqoba uma behlula i-New Zealand ngaphambi kokuthemba iqembu elifanayo ukuthi lihlule i-England – okushiya womathathu amaqembu enamaphuzu amane, i-net run rate izocacisa ngabazodlala i-final.

u-Tryon ukholwa ukuthi iqembu lizothatha umdlandla omningi kumdlalo wakusasa emuva kokunqoba okwakhe ukuzithemba.

“Amantombazane asendaweni enhle futhi silibhekile ikusasa,” esho ephawula. “Umoya muhle, ikakhulukazi emuva komdlalo ne-England. Sihambela phezulu futhi amantombazane ayakujabulela ukudlala ne-New Zealand. Sithatha okuningi okuhle kumdlalo ne-England futhi sibheke ukusebenzisa izinhlelo zethu kusukela ekuziqeqesheni namhlanje.”

i-South Africa izoba nemicabango emibi kumdlalo wayo wokugcina e-Bristol County Ground lapho abahlulwa khona kwi-ICC Women’s World Cup semi-final bedlala ne-England onyakeni odlule, kodwa u-Tryon uthi badlulile kulokho futhi bakubhekile ukwenza imicabango emisha futhi emihle uma bebhekana nama-White Ferns.

“Sithemba ukuthi bazoligcina utshani (kwi-pitch),” ehleka u-Tryon.

“Kuntshani khona futhi ama-seamers ethu ayamoyizela kancane, kodwa sizobona ukuthi kuhamba kanjani. Wonke umuntu usebenzela kulokhu okuhambelana nabo. Ukunakekela indawo yakho futhi amantombazane abukeka kahle okwamanje.”

Kumdlalo wokugcina we-T20 phakathi kwalamaqembu womabili, i-South Africa yahlulwa kakhulu, ngama-runs angu-66 emuva kokuthi i-New Zealand ihlanganise umphumela oyirekhodi (ngaleso sikhathi) u-216/1. Kodwa u-Tryon uyagcizelela ukuthi iqembu selidlulile kulokho kuhlulwa futhi libheke ukudlala ama-Kiwis.

“Kusemuva manje,” kusho u-Tryon. “Asikwazi ukugxila kakhulu kulokhu okwenzeka. Siyazi ukuthi kwenzekani emdlalweni futhi sezwa ukuthi kumele sibeke lowomdlalo emuva futhi sisebenzele izinhlelo zethu sidlala nabo.”

Ngaphandle kokuhlulwa kabili, i-Tri-Series ilethe amalungiselelo alungile kuma-Proteas njengoba ebheke i-ICC World Women’s T20 ngasekupheleni konyaka futhi nokumenyezelwa kohlelo lomqhudelwano, isikhonkwana sesibekiwe ngaphambi komcimbi. i-South Africa iku-Group A kanye ne-England futhi u-Tryon ukholwa ukuthi le-series ihambe indlela ende ekulungiseni iqembu kulokho okubalindile e-West Indies ngoNovember.

“Womabili amaqembu asezingeni eliphezulu, amabili ahamba phambili emhlabeni,” kusho u-Tryon. “Kuhle ukudlala nabo kanye nokwazi ukuthi kulindelweni kwi-World Cup. Amaqembu ayaqina manje futhi awukwazi ukubukela amanye phansi.”

“Kumele sidlale yonke imidlalo ngawo wonke amandla ethu,” esho evala.

i-South Africa izodlala ne-New Zealand ngo-14:00 (CAT) kusasa ngaphambi kokuthi iphele i-double-header ngomdlalo ophakathi kwe-England ne-New Zealand, okuzocacisa ngamaqembu amabili azodlala kumdlalo wangeSonto.

Momentum Proteas fourth T20 international squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border), Stacey Lackay (Western Province), Tazmin Brits (North West).

IT20 Tri-Series - England, South Africa & New Zealand
28 June – The Brightside Ground, Bristol, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
1 July – Final – The CloudFM County Ground, Chelmsford (3pm)