Ama-SA under-19s alungiselela uhambo lesivivinyo kodwa olujabulisayo lwe-UK tour

Lawrence Mahatlane

Lawrence Mahatlane

Amalungiselelo aqhubeke kahle futhi asezophela kuma-Coca-Cola South Africa under-19s, abahlanganele ePitoli esontweni labo lokugcina kwikhempu ngaphambi kohambo oluya e-United Kingdom. Umqeqeshi u-Lawrence Mahatlane neqembu lakhe bazodlala ne-England kwi-Youth Test ne-One-Day International (ODI) series ngo-08-29 July.

“Abafana bebelungile,” kusho u-Mahatlane. “Bonke bafike beqinile. Besibahle sihlangene lapha kusukela ngoMgqibelo futhi bakwazile ukuphasa obekudingekile kwi-fitness.”

“Ngenxa yesimo ezweni (ubusika) nokungakwazi ukuba nama-turf facilities, sibusisiwe ukufika (e-Powerade) Centre of Excellence kanye nokuthola ama-facilities asezingeni,” enezezela.

NgoLwesibili, ama-under-19s aqhubekile namalungiselelo ngesikhathi eqala umdlalo wabo wezinsuku ezintathu wamalungiselelo bedlala neqembu le-Northerns Senior Provincial e-Groenkloof Oval. u-Mahatlane ukholwa ukuthi lomdlalo inselelo elungile yokuthi iqembu lakhe lidlale neqembu elinamandla kanye nokwakha incindezi abayilindele kwi-England.

“Uma ubheka emhlabeni ukuhamba kwekhilikithi yama-U19, abadlali abaningi badlala ikhilikithi ye-First Class,” esho.

“Iqembu le-England, abadlali badlala i-Second XI noma i-County Cricket. Ngakho, lokhu kuhle ukunika abadlali ithuba lokudlala nabadlali be-senior provincial lapho okukhona incindezi, okuhlukile kunekhilikithi yesikole,” enezezela u-Mahatlane.

Bambalwa abadlali kwiqembu labangu-15 abadlale ikhilikithi yebhola elibomvu, u-Mahatlane nabanye abaqeqeshayo babheke ukusebenzela amakhono abadlali kwikhilikithi ende.

“Bahlanu abadlali kulaba abangu-15 badlala ikhilikithi yezinsuku ezintathu noma ezine kumqhudelwano noma umdlalo,” esho. “Ukufundisa abantu ukudlala ikhilikithi yezinsuku ezine, ukudlala ikhilikithi yesikhathi, ukuphosa nokushaya usuku lonke, bekubalulekile.”

“Ngakho, ukugxila kwethu okubalulekile kulezinsuku ezinhlanu ezidlulile kube amakhono ebhola elibomvu,” evala.

Ama-SA U19s azodlala neqembu lamaNgisi kwimidlalo embili yezinsuku ezine ze-Youth Test nama-ODI amathathu futhi u-Mahatlane ukholwa ukuthi abadlali abakhethiwe bazoba nempumelelo futhi nokujabulisa izwe labo.

“Uma sishiya izwe, sibheke ukunqoba kuwona womabili ama-series,” kusho u-Mahatlane. “Sithembe ukuqhudelana. Bona (i-England) baphakathi nendawo ne-season yabo, thina siphakathi nendawo ne-off-season yethu ngakho kubalulekile ukuthi siqine kwikhilikithi, ngokushesha futhi siyekhona siqhudelane nabo,” esho evala.

Oshaya phezulu, u-Wandile Makwetu uya kwi-tour yakhe yokuqala njengokapteni weqembu lezwe emuva kokuqokwa ngo-May kulonyaka. Uyena ozoba nesipiliyoni esiningi eqenjini njengoba adlala kuma-ICC U19 World Cups amabili futhi wadlala kuma-Youth One-Day Internationals amabili nama-Youth Test amabili.

“Eyodwa yamakhempu amahle le,” kusho u-Makwetu. “Bekujabulisa kakhulu. Abafana bafike belungiselele, wonke umuntu ubukeka eqinile futhi kulezinsuku ezintathu ezizayo kwikhempu zizobe zibalulekile kithina njengoba sizama ukulola amakhono ethu.”

“Amalungiselelo kwikhempu ahambelana kahle ne-England futhi wonke umuntu ukulindele,” esho evala.

Coca-Cola South Africa under-19 squad

Wandile Makwetu (captain, Northerns), Archille Cloete (Boland), Jade de Klerk (Eastern Province), Jean du Plessis (South Western Districts), Jarred Jardine (Gauteng), Mondli Khumalo (KZN Inland), Thamsanqa Khumalo (KwaZulu-Natal Dolphins), Jacob Miltz (Gauteng), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jason Niemand (Border), Thando Ntini (Western Province ), Gideon Peters (Northerns), Sinethemba Qeshile (Border), Joshua Richards (Gauteng), Louis van Schalkwyk (North West), Jonathan Bird* (Western Province), Curtis Campher* (Northerns).

Tour schedule

Sunday, 08 July 2018 – 1st Youth Test Match (Scarborough)
Monday 16 July 2018 – 2nd Youth Test Match (Emirates Riverside)
Monday 23 July 2018 – 1st Youth ODI (Emirates Riverside)
Thursday, 26 July 2018 – 2nd Youth ODI (South North CC)
Sunday, 29 July 2018 – 3rd Youth ODI (Scarbourough)