Injabulo njengoba i-South Africa ibheka i-ICC World T20 kulonyaka

JOHANNESBURG, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 18: Chloe Tryon of South Africa celebrates the fifth wicket for Shabnim Ismail of South Africa during the 3rd Womens T20 International match between South Africa and India at Bidvest Wanderers Stadium on February 18, 2018 in Johannesburg, South Africa. (Photo by Gordon Arons/Gallo Images)

JOHANNESBURG, SOUTH AFRICA - FEBRUARY 18: Chloe Tryon of South Africa celebrates the fifth wicket for Shabnim Ismail of South Africa during the 3rd Womens T20 International match between South Africa and India at Bidvest Wanderers Stadium on February 18, 2018 in Johannesburg, South Africa. (Photo by Gordon Arons/Gallo Images)

Ukapteni u-Dané van Niekerk nama-Momentum Proteas bazokwazi ukuthi kumele benzeni ukuletha umklomelo ekhaya emuva kokuthi i-International Cricket Council (ICC) imemezele uhlelo le-ICC Women’s World T20 ezodlalelwa e-West Indies kusukela ngo-09 kuyele ku-24 November 2018.

i-South Africa izoqala ukusebenzela isicoco uma idlala ne-Sri Lanka ngo-November 12 kumdlalo wabo wokuqala ku-Group A ngaphambi kokudlala nabanqoba i-ICC Women’s World Cup i-England nabavikela isicoco i-West Indies, ngokulandelana kwabo.

Ama-Proteas azoqeda imidlalo yawo esixuku nalaba abazonqoba i-ICC Women’s World T20 Qualifier ezodlalelwa e-Netherlands ngo-07 kuyela ku-14 July, okuneqembu eladlala nama-Momentum Proteas, i-Bangladesh, i-Ireland, i- Netherlands, i-Papua New Guinea, i-Scotland, i-Thailand, i-Uganda ne-United Arab Emirates.

u-Van Niekerk uwulindele umqhudelwano we-T20, njengoba elijabulela ithuba lokuhola izwe lakhe komunye umqhudelwano womhlaba futhi esekela izinga leqembu lakhe kwikhilikithi emfushane.

“Siyakuthanda ukudlala e-West Indies,” esho ejabula. “Kuhle, awuziboni izindawo ezifananayo ngenjwayelo. Ngijabule ngempela ngoba siyayithanda ikhilikithi yama-Twenty20.”

“Ngicabanga ukuthi sineqembu elihlukile. Sinabadlali abashayayo, abagijimayo, futhi sinokuhluka kulaba abaphosayo. Siyiqembu elikhululekile futhi siyakujabulela ngoba siyakwazi ukukhululeka.”

Yonke imidlalo engu-23 yomqhudelwano izovezwa kumabonakude ukugcina umdlandla kanye nokugxila kumdlalo wabesifazane, ne-Decision Review System (DRS) izosetshenziswa okokuqala kwi-ICC World T20, ukukhombisa ukungashintshi ekusetshenzisweni kobuchwepheshe kwimicimbi yezwe.

u-Group B womqhudelwano onamaqembu angu-10 uzoba nabanqoba kathathu i-Australia, i-India, i-New-Zealand, i-Pakistan neqembu elizolandela kuma-qualifier, yonke imidlalo izodlalwa ezinkundleni ezintathu kwi-Caribbean.

Momentum Proteas’ Group A ICC Women’s World T20 2018 fixtures:

Sri Lanka: Monday, 12 November
West Indies: Wednesday 14 November
England: Friday, 16 November
Qualifier 1: Sunday, November