Ikhulu la-Beaumont lihlela ukunqoba okuphule irekhodi kwi-England kwi-T20I yesibili

Tammy Beaumont celebrates her maiden T20I century.

Tammy Beaumont celebrates her maiden T20I century.

Ikhulu lokuqala kuma-T20 lika-Tammy Beaumont lihlele ukunqoba ngomphumela omkhulu ngama-runs (121) kuhlobo lwekhilikithi kwi-England idlala ne-South Africa kumdlalo wesibili we-T20 triangular series e-Somerset ngoLwesithathu. Lokho kwenza ama-Momentum Proteas ahlulwe ngokulandelana njengoba beqede usuku olunzima lemidlalo emibili ekhilikithi.

Emuva kokunqoba i-toss kanye nokukhetha ukushaya kuqala, iqembu lasekhaya libeke umphumela omkhulu u-250/3 lashaya o-four abangu-33 no-six abangu-9 abaphosela i-South Africa behluleka ukunqanda i-run rate ekhuphukayo. Kuphinde kwaba umphumela ophule irekhodi bedlala nezivakashi i-New Zealand njengoba i-England idlule umphumela we-New Zealand oyirekhodi elingu-216/1, behlela umphumela omkhulu weqembu kuma-T20 internationals.

u-Stacey Lackay uthathe i-wicket lakhe lokuqala, wakhipha u-Danielle Wyatt enama-runs angu-56 (36 balls, 9x4s) futhi walandela nge-wicket enkulu ka-Beaumont ne-career-best engu-116 (52 balls, 18x4, 4x6s) kodwa zigcine lapho izindaba ezimnandi kwizivakashi. u-Katherine Brunt akaphumanga enama-runs angu-42 emabholeni angu-16 (3x4s, 3x6s) no-Natalie Sciver unezezele ngama-runs angu-33 emabholeni angu-15 (3x4s, 2x6s) ngaphambi kokuthi akhishwe u-Shabnim Ismail ngebhola lokugcina kwi-innings.

Izivakashi aziqalanga kahle, balahlekelwa ama-wicket amathathu ngama-runs angu-22 kuma-overs ayisikhombisa. u-Laura Wolvaardt ukhishwe enama-runs amabili kwi-over yesibili ekhishwa u-Brunt (2/18), kwalandela u-Lizelle Lee (19 off 14 balls) ekhishwa u-Danielle Hazell (2/35) no-Tazmin Brits okhishwe u-Sophie Ecclestone nge-run out ene-run eyodwa.

Ukapteni u-Dané van Niekerk no-Mignon du Preez bebesalelwe umsebenzi wokwakha i-innings, ngalesikhathi, bahlanganisa ama-runs angu-76 nge-wicket yesihlanu ngaphambi kokuthi u-Du Preez akhishwe enama-runs angu-25 ibhola linqakwe u-Heather Knight kuphosa u-Ecclestone (1/28). Ukapteni uqhubekile washaya, wahlanganisa u-50 ngaphansi kwesimo esinzima futhi wagcina enama-runs angu-72 emabholeni angu-51 (8x4s, 3x6s) kusele amabhola angu-10 kumdlalo.

i-England inqobile, yazithola ihleli phezulu kwe-tri-series log.

Umdlalo we-South Africa olandelayo uzoba neqembu lasekhaya ngoMgqibelo ngo-13:00 (14:00 CAT).


Momentum Proteas squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border), Stacey Lackay (Western Province), Tazmin Brits (North West).

Management:
Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).


IT20 Tri-Series - England, South Africa & New Zealand
23 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, England v South Africa, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
28 June – The Brightside Ground, Bristol, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
1 July – Final – The CloudFM County Ground, Chelmsford (3pm)