u-Steyn ubuya kuma-Proteas; kufakwe ama-spinners amathathu kwi-tour yase-Sri Lanka

Dale Steyn in action with Temba Bavuma.

Dale Steyn in action with Temba Bavuma.

u-Dale Steyn uyabuya kwiqembu lama-Test kuma-Standard Bank Proteas emuva kwesikhathi eside kwi-series yemidlalo emibili ezodlalelwa e-Sri Lanka ngenyanga ezayo.

Eqenjini labadlali abangu-15 kuzophinde kubuye i-Multiply Titans wrist spinner, u-Tabraiz Shamsi, i-Test yakhe yokugcina umdlalo webhola elibomvana bedlala ne-Australia e-Adelaide Oval ngo-2016, futhi okokuqala kufakwa i-Multiply Titans leg-spinner, u-Shaun von Berg.

“Izindaba esizamukelayo ukubuya kwa-Dale kwiqembu lethu lama-seamers,” kkuphawula i-Cricket South Africa (CSA) National Selection Panel (NSC) convener, u-Linda Zondi, “ikakhulukazi njengoba u-Morne Morkel esathatha umhlalaphansi.”

“u-Kagiso Rabada ululeme ngokuphelele njengoba alimala ekupheleni kwe-Test Series ne-Australia.”

“Okubalulekile ekukhetheni kwethu ukubheka yonke yinto kahle kanye nesimo esingabhekana naso e-Sri Lanka. Ama-spinners amabili afakiwe azosekela u-Keshav Maharaj futhi womabili anamarekhodi amahle ezikhathini ezidlulile kwikhilikithi yama-domestic. u-Von Berg uletha amandla okushaya kulaba abashaya ezansi.”

“u-Heinrich Klaasen omunye umdlali ongakaze adlale nokho ubekhona eqenjini isikhathi eside. Uletha ukweseka u-Quinton de Kock njengo-wicketkeeper futhi angangena kwisikhundla se-specialist batting.”

PROTEAS TOUR TO SRI LANKA 2018

July 4: SA arrive in Sri Lanka

July 7-8: Two-day practice match, P Sara Stadium, Colombo

July 12-16: 1st Test match, Galle

July 20-24: 2nd Test match, Colombo

July 26: One-day warm-up match

July 29: 1st ODI, Dambulla (Day match)

August 1: 2nd ODI, Dambulla (D/N)

August 5: 3rd ODI, Kandy (day match)

August 8: 4th ODI, Kandy (D/N)

August 12: 5th ODI, Colombo (D/N)

August 14: T20 International, Colombo (D/N)