Ama-Proteas women alungele inselelo enkulu ne-England

The Momentum Proteas are on the hunt for their first ever series win in England.

The Momentum Proteas are on the hunt for their first ever series win in England.

Ukapteni wama-Momentum Proteas, u-Dané van Niekerk uthi iqembu lakhe likulungele lokhu abakwazi njenge-tour enzima bedlala ne-England ekhaya labo.

Ekhuluma ngobusuku ngaphambi kwe-Women’s One-Day International yokuqala e-Worcester, ukapteni we-South Africa uthe unelisekile ngamalungiselelo eqembu lakhe futhi ukholwa ukuthi bakulungele ukukhombisa ukukhula kwabo selokhu lamaqembu ahlangana kwi-2017 ICC Women’s World Cup semi-final lapho i-England yanqoba khona futhi bagcina sebengompetha.

“Kusasa sidlala neqembu elilodwa lalawa aphambili emhlabeni, iqembu eliletha inselelo futhi elinamathalente, kodwa ngokusho lokho, nathi sineqembu elinamathalente ngakho kuzohlanganwa kahle,” esho ephawula.

“Badlala ikhilikithi enhle kuyona yonke indebe yomhlaba futhi bakusebenzisa ngokugcwele ukuthi badlalela ekhaya. Igoli esizibekele lona ukuthi sihlule i-England ekhaya, angeke kubelula kodwa sifikele lokho lapha.”

“Ngicabanga ukuthi iqembu elisebenza ngokushesha futhi elenza kahle yilona elizonqoba. Ngethemba, nezinhlelo esizenzile, kuzoba ithina.”

Ama-Proteas, afike e-England ngoMsombuluko, ebesebenza kanzima ejwayela isimo esihlukile sase-England. Badlala umdlalo wokuziqeqesha ne-England Women’s Academy lapho bahlulwa khona ngama-wicket amane ekugcineni, kodwa u-Van Niekerk ukholwa ukuthi umdlalo wahamba indlela ende ekukhombiseni iqembu izindawo ezidinga ukubhekwa futhi uyathemba ukuthi sebejwayele ngendlela edingekile.

“Okokuqala esikunakile ukuthi kusabanda nokho kuyihlobo,” esho echaza.

“Angeke sizikhathaze kakhulu ngalokho kodwa, isimo sezulu angeke sikwazi ukusilawula. Angidlalanga kumdlalo wokuziqeqesha, kodwa (ngiwubukile) ngicabange ukuthi asizinikelanga ngokwanele. Kwisimo esifana nalesi kumele usheshe uhlanganise izinto futhi kumele uthole ukuthi iyiphi i-line ne-length okulungile, ungashaya kanjani kahle kule-wicket nokuthi ikuphi ukushaya okuyingozi.”

“Izolo nanamhlanje sithole siqeqeshe kahle lapho abashayayo bazinikelile. Ngicazwe abaphosayo futhi nendlela abasebenzise ngayo isimo futhi bathola i-swing ebholeni. Izinhlelo zomdlalo abazihlanganisile zikhombisa ukucabanga okuhlukile futhi ngikulindele ukubona ukuthi bazokwenzani kusasa.”

Le-series yemidlalo emithathu iyingxenye ye-ICC Women’s Championship, ukungenela umqhudelwano we-2021 ICC Women’s World Cup futhi u-Van Niekerk ufuna ukungena kahle ngalesikhathi.

“Kubalulekile ukuqala ngokunqoba ngoba kuhlela i-series,” esho eqhubeka. “Ukuzithemba kanye nomdlandla esakwakha kwi-series ne-Bangladesh akumoshekanga. Kubalulekile kithina ukuthola amaphuzu, njalo sikhuluma ngakho, asifuni ukuphinde siye kuma-qualifier futhi lokho kusho ukuthi kuzomele sihlule abahamba phambili futhi siwathole.”

Umdlalo wakusasa uzovezwa ku-SuperSport 2 ngo-12:00 (SAST).

Ukuhamba komdlalo kuzobe kukhona ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Momentum Proteas squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border), Stacey Lackay (Western Province), Tazmin Brits (North West).

Management:

Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).

Tour Itinerary

ICC Women’s Championship Royal London ODIs v South Africa

9 June First ODI v South Africa – New Road, Worcester, 11am start
12 June Second ODI v South Africa – The 1st Central County Ground, Hove (D/N), 1pm start
15 June Third ODI v South Africa – Canterbury (D/N), 2pm start

IT20 Tri-Series - England, South Africa & New Zealand

20 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v South Africa, 5:40pm start
23 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, England v South Africa, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
28 June – The Brightside Ground, Bristol, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
1 July – Final – The CloudFM County Ground, Chelmsford (3pm)