u-Markram ujatshuliswa unyaka wokuqala enkundleni yezwe

Standard Bank Proteas batsman Aiden Markram

Standard Bank Proteas batsman Aiden Markram

u-Aiden Markram ukhethe ukuhlula i-Australia kule-season edlulile njengalokhu ukwamugqamela kwi-season emuva kokukonyeliswa njenge-Newcomer of the Year kuma-Cricket South Africa (CSA) awards kulempelasonto edlulile.

Lomdlali oneminyaka negu-23 yahlanganisa ama-runs angu-1 000 kwi-season yakhe yokuqala kuma-Test, eshaya nge-average engu-55.55.

Kwi-series ayigqambe ngale eyamugqamela, lomdlali omncane washaya amakhulu amabili kulawa amane anawo kanye no-50. Unamakhulu amane kuze kube yimanje kanye no-50 abathathu.

“Yebo kwaba ukuhlula ama-Australians,” esho ekhuluma ngalokho okwakukuhle kuze kube yimanje. “Kwaba i-series enokuhle, i-series eyayivutha, ngakho kwakukuhle ukubahlula. Kwakukuhle ukuba ingxenye ye-series enkulu.”

Okunye okwgqama ukubekwa njengokapteni wama-Standard Bank Proteas one-day international eneminyaka engu-23.

u-Markram wafakwa esitulweni esishisayo phakathi ne-series emuva kokulimala kwa-Faf du Plessis kudlalwa ne-India, okukhulu ukukucela kumdlali osemncane iqembu lasekhaya lagcina ngokushaywa kakhulu.

“Ngafunda okukhulu kuleyanyanga, mhlawumbe ngafunda okuningi kunalokhu engakufunda kumsebenzi wami wonke,” esho. “Unikwa ukuba ukapteni futhi uhlanganise izinhlelo uzame nokwena kahle.”

“Kodwa ngayithanda inselelo futhi mhlawumbe zincane izinto engazishintsha uma ngingaphindela emuva. Kukhona konke, ngakuthanda kanye nencindezi. Ithuba engilibongayo.”

Ukuma kwa-Markram kumdlalo wezwe kuyagqubeka nokukhula selokhu adlala umdlalo wakhe wokuqala ne-Bangladesh ngo-October odlulile. Usekhuphukele ku-No. 8 kuma-ICC batting rankings emuva kwama-Test angu-10 kuphela.

Lomdlali uthe ebengakulindele ukuba ne-season enhle kanje futhi uyabonga ukuthi wayevula umdlalo no-Dean Elgar owadlala indima ebalulekile ekukhuphukeni kwakhe. Uthe: “Bengakulindelanga ukuthi i-season izophenduka ngaleyandlela. Kodwa ngiyajabula ukuthi i-season yokuqala ihambe ngendlela eyahamba ngayo.”

“Ekupheleni kosuku, umsebenzi womdlali ovula ngokushaya ukuzama kanye nokuliqalisa kahle iqembu lakhe.”

“Ngimubonga kakhulu u-Dean (Elgar) ngokungisiza ngingene kahle endaweni yami. Kodwa kusekuningi okusamele kufundwe futhi nginenhlanhla yendlela izinto ezenzeka ngayo.”