u-Van Niekerk umangazwe ukuthola umklomelo omkhulu, wathi uyinikela eqenjini lakhe

Momentum Proteas captain,  Dane van Niekerk during the Cricket South Africa Awards

Momentum Proteas captain, Dane van Niekerk during the Cricket South Africa Awards

Ukapteni wama-Momentum Proteas u-Dane van Niekerk uthi umangele emuva kokukonyeliswa njenge-Women’s Cricketer of the Year kuma-Cricket South Africa (CSA) awards ngoMgqibelo, wanezezela wathi adlala naye u-Laura Wolvaardt bekumele kube uyena othola umklomelo.

Ukapteni wezwe waba ne-season enhle ka-2017/18 lapho abakhona i-No. 2 all-rounder kwikhilikithi yomhlaba, kanye nomdlali wesishagalolunye kwabaphosayo.

Kodwa, uzwe sengathi umdlali oneminyaka engu-19 u-Wolvaardt, oqokwe njenge-SA Women’s Players’ Player of the Year ne-Momentum Women’s ODI Player of the Year bekumele kutholwe uyena.

“Ubungalindelekile umklomelo,” kusho u-Van Niekerk. “Angikuthandi ukubeka abantu eceleni, kodwa ngicabanga ukuthi bekumele itholwe u-Laura Wolvaardt ngoba ebene-season enhle. Uthole eminye imiklomelo embili emkhulu, kodwa ngicabanga ukuthi le ngizoyinika lonke iqembu. Sibenonyaka onempumelelo.”

u-Wolvaardt ovula umdlalo waqhakaza kwi-South Africa ngesikhathi se-ICC Women’s World Cup onyakeni odlulile, lapho afakwa khona kwi-Team of Tournament. Lomdlali oneminaka engu-19 usedlulile kuma-runs angu-1 000 kwikhilikithi yama-ODI, ne-average angu-45.65.

u-Van Niekerk eqhubeka: “Igama ukukhula, ukhule ukudlula iminyaka yakhe. Useqenjini eneminyaka emncane futhi uwenza kahle umsebenzi wakhe.”

“Kuyajabulisa ukumbuka eshaya futhi siyazi ukuthi sitholani ume eyodlala. Ukudlala ngendlela efanayo kuyamangaza, kuhle kakhulu ukumbukela eshaya.”

“Uma ubuka umabonakude edlala, uyabona ukuthi unethalente kanye nalokhu afuna ukukuzuza. Lemiklomelo eyokuqala kule eminingi ezoza.”

u-Van Niekerk uphinde wakhuluma ngokuguquka komdlalo wabesifazane selokhu adlala umdlalo wakhe ngo-2009, futhi wabheka i-World Cup e-England onyakeni odlulile lapho abafika khona kuma-semi-finals.

“Izinsuku lapho esasinqoba khona umdlalo owodwa kwemithathu iphelile,” u-Van Niekerk echaza. “Sinabadlali kwi-top 10 noma 20 (kuma-rankings omhlaba) kwikhilikithi yama-one-day nama-T20. Sinelungelo lokunqoba manje. Sisebenze kanzima ukuthola lokho.”

“Kwakuhlezi kuyilokho okuthathu okukhulu, kodwa silapha ukushintsha lokho. Njengeqembu, wonke umuntu ukwamukelile lokho ngaphambi kwe-World Cup. Kwakumangaza, sashintshela ekukhuphukeni.”

Lomdlali oneminyaka engu-25, osedlale imidlalo edlulile ku-150 edlalela izwe lakhe, uyalijabulela ikusasa. “Bengeke ngicabange ukukhula komdlalo. Kodwa sizokuthatha kancane kodwa yinde indlela. Muningi umdlalo obheke mina neqembu. Kodwa ngiyajabula ukubona ukukhula komdlalo.”