u-Rabada ubheka unyaka ohambe kahle

Standard Bank Proteas bowler Kagiso Rabada

Standard Bank Proteas bowler Kagiso Rabada

u-Kagiso Rabada uthi uyabonga ngokuthola imiklomelo eminingi kumcimbi wama-Cricket South Africa (CSA) awards e-Sandton ngoMgqibelo, kodwa uyagcizelela ukuthi bonke adlala nabo kuma-Standard Bank Proteas badlale indima empumelelweni yakhe.

Kulokhu okube ubusuku obumangazayo kumdlali oneminyaka engu-23, akatholanga imiklomelo emncane kuneyisithupha. Okubalwa khona i-South African Cricketer of the Year, i-SA Players’ Player of the Year, i-Standard Bank Test Cricketer of the Year, i-Standard Bank ODI Cricketer of the Year ne-SA Fans Player of the Year. Uphinde wanqoba i-RAM Delivery of the Year ngesikhathi ekhipha u-David Warner kumdlalo wesithathu we-Sunfoil Test kudlalwa ne-Australia e-PPC Newlandsngo-March kulonyaka.

Umsebenzi wakhe usho ukuthi ukwenze ku-2016 no-2018. Akekho omunye umdlali wekhilikithi osewathola imiklomelo edlulile kwemihlanu.

“Ngiyabonga futhi ngithola udumo ngokuthola lemiklomelo,” kusho lomdlali omncane. “Kusho ukuthi kukhona okuhle engikwenzayo. Ngiyajabula ukuthi ngikwenzela iqembu kanye nezwe.”

Kube unyaka omangazayo ku-Rabada okhuphukele ku-No. 1 kuma-bowling ranking emhlabeni kwikhilikithi yama-Test, edlula kumaphuzu angu-900 futhi uhamba phambili ekutholeni ama-wicket ngo-2018 ekhiphe ama-wicket angu-38 nge-average engu-19.65. Uphinde abe ngu-No. 7 kwikhilikithi yama-ODI futhi wabalwa kwi-ICC Test XI ngo-2017.

“Ngikuzwe kumnandi ukwenza lokhu engakwenza, kodwa esikhathini esisodwa, ngicabanga ukuthi lonke iqembu lidlale indima,” echaza u-Rabada. “Uma ubheka imidlalo yama-Test esayidlala, njalo uma sasisenkingeni, kwakukhona umuntu ohlukile osikhipha enkingeni.”

“Bekunabadlali abafana no-Aiden (Markram), u-AB (de Villiers) no-Dean (Elgar), akade bengashintshashintshi, kodwa uma ubheka indima eyadlalwa abanye abadlali nejngo-Keshav (Maharaj), u-Temba (Bavuma), no-Quinny (Quinton de Kock) e-Newlands.”

“Labo badlali ababhekwa ngokwanele, kodwa uma usemagunjini okushintsha ukubona konke. Ngizwa sengathi wonke umuntu udlale indima.”

Ukuziphatha kwa-Rabada ngaphandle kwenkundla kwakuyinto enkulu kule-season emuva kwezindaba eziningi nabashayela amanye amaqembu. Kodwa uthi usefundile kulokhu okwenzeka.

Uqhubekile wathi: “Kunezinto ezithile ezenzekile kimina, ezinhle kanye nezimbi, engifundile kuzona futhi ngazama ukuzilungisa, noma kuphakathi enkundleni yokudlala noma empilweni yami.”

“Yilapho engikhona okwamanje, ngizama ukwakhela kwi-season edlulile futhi ngizame ukuba nokulwa ngokuletha lokho kwi-season entsha.”

Lomdlali ophosa ngokushesha useceleni ne-lower back stress reaction. Wakhishwa izinyanga ezintathu kusukela kuqala u-April, kodwa uthi ukululama kuhamba kahle.

Umsebenzi olandelayo we-South Africa i-tour e-Sri Lanka enyangeni ezayo.

“Bengithatha izinto ngamasonto,” esho eqhubeka u-Rabada. “Ngesikhathi ngilimala bekunezinhlelo zezinyanga ezintathu ukuze ngilulamele i-Sri Lanka, ngakho asibone ukuthi uhlelo luhamba kahle yini.”

“Okwamanje konke kuhle. Ngakho, silindele u-July.”