Ama-Proteas Women alindele ithuba lokubhekana ne-England futhi

JOHANNESBURG, SOUTH AFRICA - MAY 30: Head Coach Hilton Moreeng, captain, Dane van Niekerk and Acting CEO Thabang Moroe during the CSA Acting CEO and Momentum Proteas Media Opportunity at CSA Headquarters on May 30, 2018 in Johannesburg, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

JOHANNESBURG, SOUTH AFRICA - MAY 30: Head Coach Hilton Moreeng, captain, Dane van Niekerk and Acting CEO Thabang Moroe during the CSA Acting CEO and Momentum Proteas Media Opportunity at CSA Headquarters on May 30, 2018 in Johannesburg, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

Ukapteni u-Dané van Niekerk ugcizelele ngenhloso yeqembu lakhe ngaphambi kohambo lwe-Momentum Proteas beya e-England ehlangene nomqeqeshi, u-Hilton Moreeng bekhuluma nezintatheli eGoli ngoLwesithathu.

Sibonga umdlalo omuhle kwe-ICC Women’s World Cup onyakeni odlule, lapho iqembu lafika kuma-semi-final eminyakeni engu-17 ngaphambi kokuhlulwa i-England, u-Van Niekerk uyagcizelela ukuthi iqembu lakhe lizoya kuhambo nethemba elisha kanye nesifiso sokunqoba.

“Okokuqala, sibakweleta okukhulu emuva kwale-World Cup, ukuze siyekhona nokuphindiselela ekhanda,” esho ngokuhlekisa.

“Sabona ezigabeni zezixuku kwi-World Cup (ukuthi isikhala sivaleke kangakanani), lapho ebahlanganisa khona u-370 kodwa ukuthi sabuya futhi sathola ama-runs adlulile ku-300, lokho kwakhombisa ithemba esinalo kubona njengeqembu. Sifika kwi-semi-final, kwisimo ekade sikusona futhi lapho ekade sikhona, ukusondela ngaleyandlela, kuyakhombisa ukuthi sinani eqenjini,” esho enezezela.

Emuva kwe-tour enempumelelo ne-Bangladesh, lapho i-South Africa yanqoba ngo-5-0 no-3-0 kuma-One-Day International nama-T20 International series ngokulandelana, ama-Proteas ekwi-form enhle ngaphambi kwemidlalo emithathu yama-ODI ne-triangular series ene-New Zealand kwisimo sase-England.

Umqeqeshi u-Moreeng ukholwa ukuthi leli ithuba elihle lokuthi iqqembu lakhe liziveze bedlala nabaphethe isicoco somhlaba.

“Ngicabanga, uma ubheka amakhono kanye namathalente esinawo eqenjini,ngingathi abadlali, abaphethe kanye neqembu kumele babe kulaba abathathu abaphezulu. Kumele engabe senza kangcono kunalokhu esikwenza manje,” kusho u-Moreeng.

“Kusukela kwi-World Cup, ngicabanga ukuthi iningi labadlali liyabona ukuthi akukona ukuyakhona kuphela kanye nokubona ukuthi singenzani kodwa nokuthi singafundani. Kumele sithuthukise i-ranking yethu futhi singakwenza lokho ngokubhekana ne-England, i-New Zealand ne-Australia, abahamba phambili kwikhilikithi emhlabeni.”

“Ngakho, okwethu njengegama, sibheke endaweni enhle kodwa kumele sinqobe lezonhlobo zama-series. Alikho ithuba elikhulu kunaleli esilibhekile e-England.”

“Ngicabanga ukuthi sonke siyakhumbula ukuthi kwenzakalani kumdlalo wokugcina lamaqembu ebhekana, kulele kithina ukuthi siphindela khona futhi siqiniseke ukuthi siyi-changeroom ejabulile,” esho evala.

Momentum Proteas squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border), Stacey Lackay (Western Province), Tazmin Brits (North West).

Management:
Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).


Tour Itinerary

ICC Women’s Championship Royal London ODIs v South Africa
9 June First ODI v South Africa – New Road, Worcester, 11am start
12 June Second ODI v South Africa – The 1st Central County Ground, Hove (D/N), 1pm start
15 June Third ODI v South Africa – Canterbury (D/N), 2pm start

IT20 Tri-Series - England, South Africa & New Zealand
20 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v South Africa, 5:40pm start
23 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, England v South Africa, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
28 June – The Brightside Ground, Bristol, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
1 July – Final – The CloudFM County Ground, Chelmsford (3pm)