i-CSA imemezela iqembu lama-Proteas Women elizoya e-England

The Momentum Proteas women.

The Momentum Proteas women.

NgoMsombuluko i-Cricket South Africa (CSA), imemezele iqembu lama-Momentum Proteas elizoya e-England kusukela ku-03 June kuyele ku-01 July 2018. Uhambo, luzodlalelwa ezinkundleni eziyisithupha okuzobalwa khona i-ODI series yemidlalo emithathu ezoba ingxenye ye-ICC International Women’s Championship (IWC) ne-T20 triangular ezofaka ne-New Zealand.

Abadlali abasha, u-Zintle Mali, u-Stacey Lackay no-Tazmin Brits bafakiwe eqenjini kulandela indima abayidlala kwiqembu kwi-tour ye-Bangladesh ephele zololokhu e-South Africa lapho iqembu lasekhaya ligubhe umlando ngama-whitewash kuma-series e-ODI yemidlalo emihlanu ne-T20 yemidlalo emithathu.

i-National Convenor of selectors, u-Clinton du Preez uthe: “Loluhambo lwase-England ithoba elihle kithina ukuhamba nabadlali abangu-15, kuzophinde kunike abadlali abadlala kahle kwisigaba sesifundazwe ethuba lokuzikhulisa kwisimo ezinzima. u-Stacey Lackay udlale kahle kwi-(CSA) Women’s Cricket Week, u-Tazmin Brits ube ne-season enhle futhi u-Zintle Mali ukhombisile ukuthi ukuqhubeka njalo kunomthelela omuhle. Sicabange ukuthi ithuba lokubangenisa kwizinhlelo ngaphambi kwe-2018 World T20 e-West Indies, sibheka oyedwa noma ababili abangaphakamisa iqembu lethu.”

“Sibhekile ukuthi badlale kanjani kwi-T20 series ye-Bangladesh, kuningi esingakujabulela kwikusasa futhi ngicabanga ukuthi uma sihlangene nabadlali ababalulekile eqenjini lethu, sibheke phambili nokuzithemba ukuthi sizodlala kahle e-England sibhekene namaqembu amabili aphezulu kwikhilikithi yomhlaba. Siphinde sigxile emalungiselweni e-T20 World Cup ngoba lokho ukhiye kithina okwamanje.”

Yonke imidlalo ye-ODI series izoba ingxenye ye-ICC Women’s Championship (IWC), umqhudelwano wokungenela i-2021 ICC Women’s World Cup. i-T20 triangular series izodlala ingxenye enkulu kumalungiselelo e-South Africa elungiselela i-2018 ICC Women’s T20 ezodlalelwa e-West Indies ngo-November.

“Sigxile kakhulu kumalungiselelo e-2021 World Cup,” esho eqhubeka u-Du Preez. “Okwamanje i-IWC isinikeza isikhathi esanele sokubheka okuhambisanayo, sibheke abadlali abafikayo, ikakhulukazi abadlali abadlale imidlalo yabo yokuqala zololokhu. Ithuba elihle labo lokuthi bajwayele iqembu futhi babe ingxenye yalokhu okuhle okufika nokuba umdlali wezwe. Siyathemba ukuthi uhambo lase-England lizoba nekhilikithi enhle ephuma kuleliqembu.”

Momentum Proteas squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border), Stacey Lackay (Western Province), Tazmin Brits (North West).

Management:
Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).



Tour Itinerary

ICC Women’s Championship Royal London ODIs v South Africa
9 June First ODI v South Africa – New Road, Worcester, 11am start
12 June Second ODI v South Africa – The 1st Central County Ground, Hove (D/N), 1pm start
15 June Third ODI v South Africa – Canterbury (D/N), 2pm start

IT20 Tri-Series - England, South Africa & New Zealand
20 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v South Africa, 5:40pm start
23 June – The Cooper Associates County Ground, Taunton, England v South Africa, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
28 June – The Brightside Ground, Bristol, South Africa v New Zealand, 1pm start; England v New Zealand, 5:40pm start
1 July – Final – The CloudFM County Ground, Chelmsford (3pm)