Ama-Proteas women athola i-T20 series whitewash

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 20: South Africa winning the Series during the 3rd Womens T20 match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 20, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 20: South Africa winning the Series during the 3rd Womens T20 match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 20, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

u-Ayabonga Khaka (3/10) no-Marizanne Kapp (2/8) bakhiphe ama-wicket amahlanu phakathi kwabo njengoba ama-Momentum Proteas enqobe ama-series amabili elandelana njengoba behlule i-Bangladesh ngama-runs angu-23 kumdlalo ohlushwe izulu, wesithathu futhi owokugcina we-T20I we-Cricket South Africa (CSA) Women’s series e-Bloemfontein ngeSonto.

Le-whitewash yokugcina ifika emuva kokuthi iqembu lasekhaya linthole ukunqoba ngo-5-0 wabo wokuqala kwi-ODI series ephele esontweni elidlulile, baphetha i-tour enempumelelo futhi eletha ukuzithemba ngaphambi kohambo olunzima lase-England enyangeni ezayo.

Ishayiswe kuqala i-South Africa futhi yafika ku-64/4 emuva kokuthi ama-overs ancishiswe abekwe kuma-overs ayisishagalolunye iqembu lilinye. Ovula umdlalo u-Tasmin Brits (29) nokapteni u-Dané van Niekerk (12) yibona abafike kwizibalo eziphindiwe njengoba ukapteni we-Bangladesh u-Salma Khatun (2/18), ekhiphe u-Lizelle Lee no-Suné Luus ngo-9 no-5 ngokulandelana kwabo. Umsebenzi ka-Brits kumdlalo wakhe wesibili wamazwe, ikakhulukazi indlela ashaye ngayo kwaze kwaba i-over yesishagalombili ngaphambi kokuthi akhishwe u-Rumana Ahmed (1/13).

Izivakashi aziqalanga kahle ngokushaya ngoba iphose kahle i-South Africa. i-Player of the Series, u-Shabnim Ismail (0/5 kuma-overs amabili) uqale nge-maiden over, okuvulele u-Marizanne Kapp izigcaba zokukhipha i-wicket yokuqala (u-Murshida Khatun, 1) kwi-over yakhe yokuqala.

Inkinga ayigcinanga lapho, u-Ayabonga Khaka uhlasele kwi-over elandelile, wakhipha u-Fargana Hoque enama-runs amabili. u-Raisibe Ntozakhe (1/10) naye ukhiphe umuntu njengoba ekhiphe u-Rumana Ahmed enama-runs ayisithupha, okushiye izivakashi enkingeni ku-20/3 nge-over yesihlanu. u-Khaka uhlasele kabili nge-over yesithupha, wakhipha u-Shamina Sultana no-Niger Sultana ngama-runs angu-12 no-3 ngokulandelana kwabo, ngaphambi kokuthi u-Kapp akhiphe i-wicket yokugcina (u-Jahanara Alam, 3) nokusiza i-South Africa inqobe.

Iqembu lizoya e-England ngo-June 3 bezobhekana neqembu lasekhaya kwi-ODI series yemidlalo emithathu ne-T20I triangular series ezofaka ne-New Zealand.