u-Luus no-Van Niekerk bahlela ukunqoba i-series kwama-Proteas women

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 19: Suné Luus of South Africa congratulated on her 50 by Dané van Niekerk of South Africa during the 2nd Womens T20 match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 19, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 19: Suné Luus of South Africa congratulated on her 50 by Dané van Niekerk of South Africa during the 2nd Womens T20 match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 19, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

O-50 abaphuma ku-Suné Luus no-Dané van Niekerk kubeke isikhonkwana sokuba ngaphambili ngo-2-0 kwama-Momentum Proteas ngesikhathi behlula i-Bangladesh ngama-runs angu-32 kumdlalo wesibili we-Cricket South Africa (CSA) Women’s T20 international e-Bloemfontein ngoMgqibelo.

u-Luus ushaye ama-runs angu-71 emabholeni angu-57 kwathi ukapteni washaya u-66 emabholeni angu-42 njengoba iqembu lasekhaya libeke ama-runs angu-169/4 emuva kokuthi bashayiswe kuqala. Ukushaya kwa-Luus kube kuhle kakhulu ngoba kube u-50 wakhe wokuqala we-T20 international, uyakusebenzisa ukunyuswa kwakhe eqenjini emuva kokuchitha isikhathi esiningi kumsebenzi wakhe eshaya ku-No.8.

Ayiqalanga kahle i-innings emuva kokuthi abavulela iqembu lasekhaya u-Tazmin Brits no-Lizelle Lee bephume ngo-10 no-4 ngokulandelana kwabo. u-Luus no-Van Niekerk bahlanganise ama-runs angu-96 nge-wicket yesithathu, behambisa iqembu labo kumphumela omkhulu kunalo womdlalo wokuqala u-127/6. u-Chloe Tryon ungene ngasekugcineni kwe-innings, washaya ama-runs angu-18 emabholeni ayisishagalolunye okubalwa khona u-six ebholeni lokugcina le-innings.

u-Nahida Akter we-Bangladesh no-Panna Ghosh bathole u-2/32 kuma-overs abo amane.

u-Shamima Sultana uphinde washaya kahle, wahola izivakashi ngesikhathi beshaya ngo-50 wakhe wokuqala emabholeni angu-43 (6x4, 1x6). Yena no-Fargana Hoque bahlanganise ama-runs angu-77 nge-wicket yesithathu emuva kokuthi u-Rumana Ahmed no-Sanjida Islam belahlekelwe ama-wicket abo kalula ngo-5 no-0 ngokulandelana kwabo. u-Hoque ukhombisile ukuthi ufuna ukwenzani ngokushaya, washaya ama-runs angu-37 emabholeni afanayo ngaphambi kokuthi akhishwe u-Shabnim Ismail, ophose kahle wathola u-2/29 ekupheleni kwe-spell sakhe.

i-South Africa isalelwe umdlalo owodwa ukuze ithole i-series whitewash, ezohambelana kahle ne-whitewash ye-ODI abayithola esontweni elidlulile. Umdlalo wokugcina uzodlalelwa endaweni efanayo kusasa ngo-13:00.

Ukuhamba komdlalo kuzotholakala ku-www.cricket.co.za. Okunye kungatholakala ezinkundleni zokuxhumana ze-CSA ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).