i-CSA ihalalisela ama-Momentum Proteas ngokunqoba i-series ngo-5-0

Acting CEO of CSA Thabang Moroe

Acting CEO of CSA Thabang Moroe

i-Cricket South Africa (CSA) ihalalisele ama-Momentum Proteas ngokunqoba i-ODI Series ngo-5-0 bedlala ne-Bangladesh. Ama-Proteas athole lokhu njengoba banqobe i-ODI yokugcina ngama-wicket ayisithupha e-Mangaung Oval namhlanje.

"Halala kuma-Momentum Proteas ngomdlalo oncomekayo," kuphawula i-CSA Acting Chief Executive u-Thabang Moroe. "Ukunqoba ngo-5-0 umsebenzi omuhle futhi kuhambelana kahle nohambo lethu oluzayo e-England lapho sizodlala neqembu eliphethe imidlalo, ompetha be-Women's World Cup ne-New Zealand."

"Bekukuhle ukubona iqembu lonke lithola ithuba lokudlala futhi halala kukapteni wethu u-Dane van Niekerk, bonke abadlali bakhe kanye nabasekelayo, ikakhulukazi umqeqeshi obambile u-Salieg Nackerdien, obekumele angene kulesikhundla isikhathi sincane umqeqeshi wethu u-Hilton Moreeng engekho."