Ama-Proteas women aphetha ngokuthola u-5-0

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 14: Series winners,  South Africa during the 5th Womens ODI match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 14, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - MAY 14: Series winners, South Africa during the 5th Womens ODI match between South Africa and Bangladesh at Mangaung Oval on May 14, 2018 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Umsebenzi ophelele kubadlali abaphosayo nabashayayo beholwa u-Laura Wolvaardt (70*) kukhombise ama-Momentum Proteas ehlula i-Bangladesh ngama-wicket ayisithupha ukuthola i-Cricket South Africa (CSA) Women’s ODI series whitewash ngesikhathi behlangana e-Mangaung Oval ngoMsombuluko. Okokuqala iqembu lasekhaya lazuza lokhu kwi-series yemidlalo emihlanu.

u-Shabnim Ismail (3/17) no-Marizanne Kapp (2/21) baphinde bakhombisa isipiliyoni sabo, bahola abaphosayo njengoba betholen ama-wicket amahlanu phakathi kwabo ukubeka izivakashi ku-166/9 ekupheleni kwama-overs abo. Ama-run out amabili kanye ne-wicket eyodwa umuntu emunye u-Masabata Klaas (1/30) no-Raisibe Ntozakhe (1/43) ukuba nesiqiniseko sokuthi i-Bangladesh ingadluli kwi-run rate yabo engu-3.32.

Ukushaya kangcono kanye nokunganqaki amabhola kulethe o-50 ababili beshaywa ukapteni u-Rumana Ahmed (74 off 123 balls) no-Shamima Sultana (53 off 91) njengoba izivakashi zibeke umphumela wazo omkhulu kwi-series. Baphinde bahlanganisa i-partnership yama-runs angu-85, ye-wicket yesine okucasule abaphosela i-South Africa ngaphambi kokuthi u-Kapp ahlesele kwi-over yesi-36 nge-wicket yomdlali ovula umdlalo u-Sultana. Okuhle lokhu izivakashi ezingaqhubeka nakho njengoba i-tour idlulela kwi-T20 series yemidlalo emithathu ezoqala ngoLwesine.

u-Lizelle Lee no-Wolvaardt be-South Africa baphinde baliqalisa kahle iqembu labo ngokushaya kahle ngasekuqaleni nge-partnership yama-runs angu-79. u-Lee uphuthelwe u-50 wakhe wesithathu kwi-series njengoba ekhishwe u-Khadija Tul Kubra enama-runs angu-44 nge-over yesi-17. Lomdlali ophosayo uphinde wahlasela okwesibili kwi-over, ekhipha i-wicket-keeper-batsman u-Trisha Chett ngo-0, iqembu lasekhaya liku-79/2 ngesikhathi kungena ukapteni u-Dané van Niekerk. Yena
no-Wolvaardt babuyise umjaho nge-partnership yama-runs angu-59 ephele ngesikhathi ukapteni eba-stumped ku-29 kwi-over yesi-29 ekhishwa ukapteni u-Ahmed.

u-Tul Kubra usheshe wakhipha u-Chloe Tryon (9), naye obe-stumped ngaphambi kokuthi afike kwizinombolo ezimbili. u-Kapp akaphumanga enama-runs angu-9 njengoba ephelezele u-Wolvaardt ukuze banqobe, wasiza iqembu lakhe linqobe kusele amabhola angu-90.

u-Tul Kubra uphose kahle, wathola ama-best bowling figures kwi-series kwiqembu lakhe no-3/37 kwi-spell sakhe sama-overs angu-10.

i-T20 series izoqala e-Kimberley ngoLwesine, 17 May.