Ama-Proteas women alungele ukufinyelela ku-5-0

Momentum Proteas leading wicket taker, Ayabonga Khaka during the team's training session ahead of the fifth and final women's ODI in Bloemfontein.

Momentum Proteas leading wicket taker, Ayabonga Khaka during the team's training session ahead of the fifth and final women's ODI in Bloemfontein.

Umqeqeshi obambile wama-Momentum Proteas, u-Salieg Nackerdien ukholwa ukuthi iqembu lakhe lingakwazi futhi lizofinyelela kwigoli labo lokunqoba i-Cricket South Africa (CSA) Women’s ODI series ngo-5-0 uma behlangana ne-Bangladesh umdlalo wokugcina ngoMsombuluko. Umqeqeshi uyathemba ukuthi iqembu lizophinda idlale ngendlela efanayo kuze kube yimanje futhi bangahlulwa kwi-series uma bedlala e-Mangaung Oval e-Bloemfontein.

Nokho iqembu lasekhaya lizihlulile izivakashi ngama-runs angu-106 kumdlalo wokuqala. Ama-wicket ayisishagalolunye kowesibili noqesithathu kanye nama-runs angu-154 kowesine, u-Nackerdien ukholwa ukuthi sikhona isikhala sokulungisa futhi ufisa ukubona abadlali behlangana nenselelo maduzane.

“Sibe ne-tour enhle kuze kube yimanje,” esho. “Iqembu belidlala kahle ngamakhono. Sikhulumile ngezindawo ezimbalwa okumele zibhekwe, njengokungaphumi kalula kanye nokulahlekelwa ama-wicket ngokuhlangana futhi ngasekuphoseni, ukunciphisa ama-extras.”

“Sifuna ukuqhubeka nezinga ebesivimba ngayo enkundleni esiyigcinile, ebiyinhle kuyona yonke i-series okwamanje kanye nokuba ngaphezulu kuzona zonke izigaba. Sidinga noma umdlali oyedwa ukuthi ashaye okhulu, yilelo igoli futhi sithemba ukuthi uzoshaywa umdlali oshaya phezulu kulaba abayisithupha.”

u-Nackerdien ulithandile ugqozi leqembu ekunqobeni imidlalo. Abashayayo kanye nabaphosayo bahlelile noma banqobe imidlalo beyinqobela iqembu lasekhaya, abadlali abathathu abahlukile beyi-player of the match atholwe i-South Africa. Usekela kapteni, u-Chloe Tryon wathola amabili, kumdlalo wokuqala nowesine.

“Kuyajabulisa ngempela,” esho eqhubeka. “Sifuna ukudlala kanjalo, wonke umuntu edlala indima ukuze kunqobe iqembu. Uhlelo lolo uma siqhubeka sidlala i-series kanye nemiqhudelwano elandelayo, ukuhlezi senza kangcono njengeqembu futhi nokuba nabadlali abahlukile bedlala indima kanye nokusinqobisa.”

Umdlali onama-runs amaningi ovulayo u-Lizelle Lee nama-runs angu-200 kuma-innings amane, o-50 ababili kanye nama-runs amakhulu angu-70. Ushaya nge-average engu-66.66, o-four abangu-26 no-six ababili. Olandelayo u-Tryon, nama-runs angu-125 nge-average engu-62.50 ne-strike rake engu-148.80. u-Ayabonga Khaka uhamba phambili ngokuthola ama-wicket angu-7/54 kuma-innings amane (22 overs) futhi unama-best bowling figures angu-3/13. Ulandelwa u-Raisibe Ntozakhe no-7/57 (32 overs).

“Sisendaweni enhle, umdlandla omuhle kuyela kwi-series ne-England enyangeni ezayo,” esho eqhubeka u-Nackerdien. “Sisathuthuka, silungisa zonke izikhathi futhi sisebenzela ukushintsha o-70 babe o-100 bese ama-three-wicket-hauls abe ama-five-fors.”

“Kusasa kuzoba ithuba elihle lokuthi iqembu liyiqede kahle i-series futhi linqobe amagoli abo esiwahlelile ngoba asizikhathazi kakhulu ngalaba esidlala nabo, sibheka kakhulu ukuthi njengama-Momentum Proteas singenzani ukuze kube nesiqiniseko sokuthi singaphambili kuhambo oluhle.

Umdlalo wesihlanu futhi wokugcina we-ODI uzoqala ngo-09:45 futhi ukuhamba komdlalo kuzotholakala ku-www.cricket.co.za. futhi okunye kuzotholakala ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).