Ama-Proteas Women anqoba emine kwemine

The Momentum Proteas need to win just one more match to reach their goal of a five-match ODI series white wash.

The Momentum Proteas need to win just one more match to reach their goal of a five-match ODI series white wash.

Omunye umdlalo ophelele wama-Momentum Proteas ubenze banqoba futhi bedlala ne-Bangladesh, ngalesikhathi ngama-runs angu-154 ngesikhathi behlanganela umdlalo wesine we-Cricket South Africa (CSA) Women’s ODI e-Kimberley ngoLwesihlanu.

O-50 ba-Lizelle Lee (70 off 102 balls) ekuqaleni kwe-innings nokapteni bambile u-Chloe Tryon ngasekugcineni, kwenze iqembu lasekhaya lifike ku-230/7 emuva kokuthi banqobe i-toss futhi bakhethe ukushaya kuqala. Omunye umsebenzi omuhle ka-Lee nomdlali avula naye umdlalo, u-Laura Wolvaardt bahlanganise ama-runs angu-72 ngaphambi kokuthi u-Wolvaardt akhishwe u-Nahida Akter (2/36) kwi-over yesi-21. u-Trisha Chetty (31 off 41 balls) ube omunye umdlali odlale indima ngokuthola ama-runs ngaphambi kokuthi ama-wicket aphume ngokulandelana.

u-Andrie Steyn no-Mignon du Pleez baphume no-11 no-3 ngokulandelana kwabo, bashiye iqembu lasekhaya liku-159/5 ngaphambi kokuthi u-Tryon ashaye u-60 emabholeni angu-42, ama-runs akhe ebeno-four abayisithupha no-six ababili.

u-Akter no-Jahanara Alam (2/54) be-Bangladesh baphose kahle bathola ama-wicket amabili umuntu emunye.

Ukushaya kwabo kuphinde kwaphazanyiswa ukuhlasela kwama-Proteas. Bangavunyelwa ukukhululeka, abashayayo balahlekelwe ama-wicket kwasekuqaleni njengoba u-Ayabonga Khaka ekhiphe ovulayo u-Sanjida Islam nge-run eyodwa kwi-over yesibili kwi-innings. Okunye ukudlala ngokuhlangana kweqembu kwenze u-Shabnim Ismail (2/8), u-Raisibe Ntozakhe (2/10) no-Suné Luus (2/12) bakhiphe ama-wicket amabili umuntu emunye, kwathi u-Zintle Mali (1/23), u-Khaka (1/11) ne-Player of the Match, u-Tryon (1/11) edlale indima.

Umdlalo wokugcina we-series uzodlalelwa e-Mangaung Oval e-Bloemfontein ngoMsombuluko, 14 May.