Ama-Proteas azimisele ukunqoba i-ODI series e-Kimberley

Raisibe Ntozakhe during the Momentum Proteas' training session.

Raisibe Ntozakhe during the Momentum Proteas' training session.

Ama-Momentum Proteas azobe ebheke ukunqoba i-series uma sebebhekana ne-Bangladesh kumdlalo wesithathu we-series yemidlalo emihlanu ephethwe i-Cricket South Africa (CSA) e-Diamond Oval e-Kimberley ngoLwesithathu.

Iqembu lasekhaya lanqoba kahle ngama-runs angu-106 kanye nama-wicket ayisishagalolunye e-Potchefstroom ukuba ngaphambili ngo-2-0 kwi-series.

u-Raisibe Ntozakhe uthi impumelelo yeqembu okwamanje ukuthatha izinto ngamdlalo ngamunye kanye nokugxila kwizinhlelo nokuncika kulokhu okujwayelekile.

“i-series elungie okwamanje, ikakhulukazi emuva kokuphoxeka kwi-tour ye-India ekuqaleni konyaka, besifuna ukuqiniseka ukuthi lokhu okuncane sikwenza kahle,” esho ephawula. “Siphindele emuva ngasekuqaleni futhi sakhomba izindawo ezidinga ukubhekwa ngokushesha futhi nesingasebenzela ngakuzona. Ngicabanga ukuthi akhona amagoli ethu esiwatholile ngokungacabangi kakhulu kanye nokugcina kulokhu okujwayelekile.”

Lomdlali oneminyaka engu-21 wase-Alexandra e-Goli ugqamile ekuphoseni kule-series kulaba abaphosela i-South Africa, wathola u-1/21 kuma-overs angu-10 (i-maiden eyodwa) kumdlalo wokuqala futhi wasizia ekunqobeni umdlalo wesibili washaya izivakashi ngo-3/16 kuma-overs angu-10 (ama-maidens amabili). Uthe lokhu kwenziwe ukudlalela i-South Africa Emerging enyangeni edlulile (abadlala i-triangular series ne-Australia U19s ne-England Academy) okudlale indima ekuthuthukiseni ukuphosa kwakhe.

“Ukudlalela i-Emerging kungisizele ekutholeni imidlalo kanye nokulungiselela le-tour,” esho echaza uNtozakhe. “Ngakwazi ukubheka izindawo ebengifuna ukuzibheka kwimidlalo yangempela sibhekene namaqembu amabili abanabadlali abajabulisayo futhi abezayo. Ngesikhathi ngihlangana neqembu lezwe sihlanganela ikempu, ukuzithemba bekuphezulu futhi nendlela esasheshe sahlangana ngayo njengeqembu emuva kokungabonani isikhathi eside kuphakamise injabulo kanye nomfutho.”

i-South Africa isalelwe umdlalo owodwa ukuthi inqobe i-series futhi u-Ntozakhe uyawathemba amathuba abo, kanye nokugada ukungacaci kwe-Bangladesh kwisimo esisha sase-Kimberley.

“Siyakuthanda ukudlala e-Kimberley. Sadlala lapha isikhathi eside kamuva nje futhi ngicabanga ukuthi isipiliyoni sizosiza kwimidlalo embalwa esyo,” esho eqhubeka. “Kuhlukile kune-Senwes Park (e-Potchefstroom) ngoba i-outfield iyaghoma futhi unamandla umoya. Abaphosa ngokushesha ajabulile ukubona i-wicket inokuhlaza ngakho kuzoba ushintsho oluhle futhi olusha, nomqhudelwano omusha.”

“Angeke siyibukele phansi i-Bangladesh noma ikhono labo lokubuyela esimweni. Siyazi ukuthi bazofuna ukudlala kakhulu kusasa futhi bazame ukusindisa i-series, ngakho kuzoba umdlalo wethu omkhulu. Nginesiqinseko sokuthi uma siqhubeka nalokhu ebesikwenza futhi siphinde sithuthuke ezindaweni ezikudingayo, sizophumelela. Angeke sijabule iyoze iphele i-series futhi sayinqoba ngo-5-0.”

Umdlalo uzoqala ngo-09-45 futhi ukungena e-Diamond Oval kumahala.

i-CSA izokwazisa ngomdlalo ku-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica)
no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Momentum Proteas ODI squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Trisha Chetty (Gauteng), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Suné Luus (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Andrie Steyn (Western Province), Zintle Mali (Border).

Management:

Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).