Ama-Proteas women anqobe umdlalo wokuqala bedlala ne-Bangladesh

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - MAY 04: Raisibe Ntozakhe and Mignon du Preez of South Africa celebrate the wicket of Nigar Sultana of Bangladesh during 1st Womens ODI match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park on May 04, 2018 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

POTCHEFSTROOM, SOUTH AFRICA - MAY 04: Raisibe Ntozakhe and Mignon du Preez of South Africa celebrate the wicket of Nigar Sultana of Bangladesh during 1st Womens ODI match between South Africa and Bangladesh at Senwes Park on May 04, 2018 in Potchefstroom, South Africa. (Photo by Lee Warren/Gallo Images)

u-Chloe Tryon nokapteni u-Dané van Niekerk badlale indima enkulu e-all-round ekuhleleleni ama-Momentum Proteas ukunqoba ngama-runs angu-106 umdlalo wokuqala we Cricket South Africa (CSA) Women’s One-Day International (ODI) series bedlala ne-Bangladesh e-Potchefstroom ngoLwesihlanu. Iqembu lasekhaya lingaphambili ngo-1-0 emidlalweni emihlanu.

i-Player of the match u-Tryon, ushaye o-four abayisishagalolunye kanye no-six abathathu ukufika ku-65 emabholeni angu-42 futhi wathola no-2/15 kuma-overs amahlanu. Ukapteni ushaye ama-boundaries ayisithupha njengoba eshaye ama-runs angu-44 emabholeni angu-52, ukulandelise ngokuphosa i-spell esihle njengoba ethole u-3/23 njengoba esondeze iqembu lakhe ngasekunqobeni.

Usuku luqale ngokuthi iqembu lasekhaya libeke umphumela ongu-270/9 ekupheleni kwama-over abo emuva kokunqoba i-toss nokushaya kuqala. Ovula ngokushaya, u-Lizelle Lee (54) naye uthole ama-runs amaningi, washaya u-50 okubekele iqembu lakhe isikhonkwana. u-Mignon du Plessis no-Laura Wolvaardt bavalile ngokushaya njengoba bethole u-26 umuntu emunye.

i-South Africa iqale kahle nge-partnership yama-runs angu-67 phakathi kwa-Lee no-Wolvaardt ngaphambi kokuthi u-Wolvaardt ekhishwe u-Nahida Akter (2/22) kwi-over yesi-13. u-Trisha Chetty uhlale imizuzu engu-27 ukuthola u-13 emabholeni angu-23 kodwa wakhishwa nge-lbw u-Rumana Ahmed (1/38) nge-over yesi-21. u-Lee usheshe walandela, ehulwa ibhola elihle eliphume kwi-right-hand offbreak ka-Salma Khatun nge-over yesi-24.

u-Mignon du Preez no-Van Niekerk bazimise kahle izinto, bashaya ama-over angu-10 bendawonye futhi bahlanganisa ama-runs angu-52 nge-wicket yesine ngaohambi kokuthi u-Du Preez akhishwe u-Akter othole i-wicket yakhe yesibili.

Iqembu lasekhaya beliku-178/5 emuva kokuphuma kwa-Van Niekerk ekhishwa u-Jahanara Alam (2/62) ngesikhathi ama-wicket ephuma ngokulandelana. u-Tryon uhole abasemsileni, eqiniseka ukuthi babeka umphumela osile ekugcineni.

Izivakashi zikhishwe zinama-runs angu-164. Baqale kabi njengoba belahlekelwe ovula ngokushaya u-Murshida Khatun ekhishwa u-Marizanne Kapp (1/14) nge-over yesibili kwi-innings kodwa u-Sanjida Islam (35 off 63) no-Fargana Hoque (69* off 146) babuye kahle, bahlanganisa ama-runs angu-52 nge-wicket yesibili. Ukapteni we-South Africa uqhubekile wakhipha abashaya phezulu, wakhipha u-Islam, u-Nigar Sultana (6 off 16) nokapteni u-Rumana Ahmed (3 off 5) kuma-overs akhe okuqala amathathu.

Ama-offbreaks ka-Raisibe Ntozakhe (1/21) athulise i-Bangladesh futhi kwakha incindezi. Kube nama-run out amabili, kwaphuma u-Fahima Khatun (0) no-Salma Khatun (2), u-Salma Khatun ukhishwe ukuphosa kwa-Ismail.

u-Tryon usheshe wakhipha u-Jahanara Alam (6) no-Nahida Akter (0), kwashiya izivakashi ku-112/9, kodwa inkani ka-Panna Ghosh ayikwenzanga kwalula ukunqoba kweqembu lasekhaya. Lomdlali oshaya ku-No. 11 ushaye ama-runs angu-23 emabholeni angu-27, wahlanganisa ama-runs angu-52 no-Hoque ongaphumanga ngahambi kokuthi u-Mignon du Preez amukhiphe, ethola i-wicket yakhe yokuqala ye-ODI futhi wanqobisa iqembu lakhe kusele amabhola amathathu.

Umdlalo wesibili uzodlalelwa e-Senwes Park nge-Sonto, 6 May. Umdlalo uzoqala ngo-09:45.

Momentum Proteas ODI squad:

Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Dolphins), Mignon du Preez (Northerns), Trisha Chetty (Gauteng), Marizanne Kapp (Eastern Province), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Laura Wolvaardt (Western Province).