i-South Africa izoba ingxenye yomdlalo wokuqala we-World Cup 2019

AB de Villiers (L) and Faf du Plessis of South Africa

AB de Villiers (L) and Faf du Plessis of South Africa

“Njenge-South African, unethuba lokuba emlandweni njengomdlali wekhilikithi futhi wenze okungakazwe kwenziwe umdlali wekhilikithi,” kusho u-Chris Morris.

i-South Africa izodlala ne-England kumdlalo wokuqala we-ICC Cricket World Cup 2019 e-The Oval ngo-30 May - 14 July emuva kokuthi imidlalo yama-Proteas imenyezeliwe namhlanje.

i-South Africa yadlala ne-England enkundleni efanayo kumqhudelwano ngo-1999 futhi kulandela u-50 ka-Herschelle Gibbs no-4/17 ka-Allan Donald, basheshisa ngeqembu eliphethe umdlalo ngama-runs angu-122. Umdlalo kwaku owesithathu we-South Africa kwisixuku futhi kwabanikeza ukunqoba imidlalo emithathu kwimidlalo emithathu.

i-Australia, abayiphula kabili inhliziyo ye-South Africa kumqhudelwano ngo-1999 e-Headingley nase-Edgbaston, futhi kuzoba ithuba lokugcina lika-Faf du Plessis kule-single-league kumqhudelwano lamaqembu angu-10. i-Old Trafford izoba inkundlala yalomdlalo ngo-6 July, okuzophinde kube owesibili kanye newokugcina we-day/night kwe-South Africa.

Kwi-World Cup ka-1999, i-South Africa yadlala kahle futhi yahlula i-New Zealand e-Edgbaston. Kulesikhathi futhi, womabili amaqembu azohlangana enkundleni efanayo ngo-19 June futhi lokhu kuzoba umdlalo wesithupha we-South Africa we-league.

i-South Africa seyahlulwa i-Pakistan kwimidlalo emibili yokugcina kwimiqudelwano yama-over angu-50 e-Auckland (World Cup 2015) nase-Birmingham (ICC Champions Trophy 2017). Kumqhudelwano wonyaka ozayo, bazohlela ukuziphindiselela ngokuhlulwa ngokudlala nabaphethe isicoco se-Champions Trophy e-ord’s ngo-23 June.

Eminye imidlalo ye-South Africa kumqhudelwano izoba e-The Oval (bedlala ne-Bangladesh, 2 June), e-Hampshire Bowl (bedlala ne-India, 5 June; ne-Windies, 10 June), e-Cardiff Wales Stadium (bedlala ne-Afghanistan, 15 June) ne-The Riverside (bedlala ne-Sri Lanka, 28 June).

Ebheke kumqhudelwano wonyaka ozayo, i-all-rounder ye-South Africa u-Chris Morris uthe: “i-World Cup inkulu kumdlali, hayi abekhilikithi kuphela. Kuyinsika kumsebenzi womdlali.”

“Ukuzinika ithuba lokunqoba i-World Cup uyinqobele izwe lakho, uhambo oluhle lokuba ingxenye yalo. Akulona uhambo lezinyanga eziyizithupha kuphela, kodwa uhambo leminyaka emine kuyela kumqhudelwano.”

“Njengomuntu wase-South Africa, unethuba lokwakha umlando njengomdlali wekhilikithi futhi wenze okungakaze kwenziwe omunye umdlali wekhilikithi.”

u-Morris uthe umqhudelwano onyakeni ozayo uzoba umqhudelwano ovulekile eminyakeni edlulile futhi uzoncikela ekutheni amaqembu akhuphuka kanjani.

“Umqhudelwano we-World Cup ovulekile, kuzohambisana nokuthi imaphi amaqembu akhuphukayo ngesikhathi esihle, kodwa hlezi kukhona okuphoxayo kwi-World Cup futhi uyohlezi ukukhumbula,” kusho u-Morris, onama-runs angu-393 futhi wathatha ama-wicket angu-34 kuma-ODIs kuze kube yimanje.

Uphinde wathi: “Umdlali oyedwa angawuthatha umdlalo osukwini, kuzoba kuhle ukudlala namaqembu abadlali abangakaze badlale nabo futhi abadlali abasha abangakaze babonwe enkundleni enkulu, ngakho kuyajabulisa kulabo abazobe beyingxenye.”



South Africa’s schedule of World Cup matches:

30 May – v England, The Oval (d)

2 June – v Bangladesh, The Oval (d)

5 June – v India, Hampshire Bowl (d)

10 June – v Windies, Hampshire Bowl (d)

15 June – v Afghanistan, Cardiff Wales Stadium (d/n)

19 June – v New Zealand, Edgbaston (d)

23 June – v Pakistan, Lord’s (d)

28 June – v Sri Lanka, The Riverside (d)

6 July – v Australia, Old Trafford (d/n)