Ikhulu lika-AB ligqugquzelela umsila njengoba ama-Proteas ehamba ngaphambili

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 11: AB de Villiers of South Africa celebrates scoring 100 runs during day 3 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St Georges Park on March 11, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

PORT ELIZABETH, SOUTH AFRICA - MARCH 11: AB de Villiers of South Africa celebrates scoring 100 runs during day 3 of the 2nd Sunfoil Test match between South Africa and Australia at St Georges Park on March 11, 2018 in Port Elizabeth, South Africa. (Photo by Ashley Vlotman/Gallo Images)

Begqugquzelwe u-AB de Villiers othole ikhulu lakhe lesithupha edlala ne-Australia kanye nelesi-22 kuwona wonke, ama-Standard Bank Proteas abashaya ngasezansi kuqede isomiso saseThekwini ngama-runs amaningi e-Port Elizabeth ukudlala indima ebalulekile ekuhambeni phambili kweqembu labo osukwini lwesithathu lomdlalo wesibili we-Sunfoil Test kudlalelwa e-St. George’s Park ngeSonto.

Umsebenzi ka-De Villiers nomsila kunike ama-Proteas ukuba ngaphambili kwi-innings yokuqala ngama-runs angu-139 futhi, nokho i-partnership yokulwa phakathi kwa-Usman Khawaja no-Mitchell Marsh kubenze basusa ama-runs abasele kuwona, bakhokhile futhi ekupheleni kosuku bebeku-41/5 ibhola elisha lesibili lizofika kuma-overs angu-17.

Njengoba sekwenzeka kudala u-De Villiers ulethe umcabango wokuthi ukomunye umhlaba kunabanye abashayayo kuwona womabili amaqembu. Ama-runs akhe angu-126 engaphumanga uwathole emabholeni angu-146 (20 fours, 1 six) kufike nge-rate esheshe kakhulu kunabanye ngaphambi kokuthi aphelelwe abadlali azoshaya nabo ngesikhathi u-Lungi Ngidi ephuma nge-run out. Futhi ibizoshesha kakhulu kodwa njengoba bekumele ahole ashaya nabo abanethalente elincane njengoba i-Australia ibilungiselela ukumnika ama-runs awodwa ukuhlasela umsila.

Amakhulu akhe ayisithupha edlala ne-Australia kumbeke ngaphambili kwerekhodi ayelibambe nezinkakha ezimbili zakudala – u-Graeme Pollock no-Eddie Barlow – kanye nababili besimanje – u-Jacques Kallis no-Hashim Amla. Ikhulu lakhe lesi-22 kumbeke ngaphambi kwa-Gary Kirsten futhi ungowesine kuhla lwe-South Africa, u-Kallis, u-Amla no-Graeme Smith ngaphambi kwakhe.

Emdlalweni kanye nokuma kwe-series, ikhulu lanamhlanje lihamba kanye nekhulu lakhe le-innings yesine (engakhishiwe) ukuze ama-Proteas ajahe umphumela odlulile ku-400 e-Perth ngo-2008 umsebenzi wakhe omuhle edlala neqembu elifanayo.

Okumangazayo, usazokhishwa umdlali ophosayo kule-series, njengoba elahlekelwe azoshaya nabo kule-innings naseThekwini kanye nokukhisha nge-run out kwi-innings yesibili eThekwini.

Kwi-Test yokuqala ama-Proteas akwazi ukuhlanganisa ama-runs angu-12 kuma-wicket okugcina amane kwi-innings yokuqala kanye no-15 kweyesibili. Ushintsho olukhulu lapha njengoba ama-wicket amane ehlanganise ama-runs angu-199 kumphumela. Futhi umuntu angakhohlwa indima edlalwe u-Kagiso Rabada njenge-night watchman ne-partnership yama-runs angu-45 nge-wicket yesibili no-Dean Elgar.

u-Vernon Philander (36 off 85 balls, 5 fours) no-Keshav Maharaj, ophinde wakhipha i-wicket ebalulekile ka-Steve Smith (30 off 24 balls, 3 fours, 2 sixes), balethe ukweseka obekudingwa u-De Villiers ukuze athole ikhulu lakhe – elokuqala selokhu abuyela kwikhilikithi yama-Test ekuqaleni kwe-season.

u-Rabada uqhubekile waba nomdlalo omkhulu, wanezezela ngama-wicket amathathu kulawa amahlanu awakhipha kwi-innings yokuqala. i-spell sakhe ngebhola elisha ntambama belimangaza njengoba ephose nge-pace, ukuqonda kanye nokulwa futhi wakonyeliswa nge-wicket ebalulekile ka-David Warner. Kuma-spells alandelile ukhiphe u-Shaun Marsh no-Khawaja emuva kokuthi u-Khawaja ahlanganise ama-runs angu-87 no-Mitchell Marsh.

Kukho konke kube usuku oluhle lwekhilikithi yama-Test njengoba kucishe nkwahlanganiswa ama-runs angu-300 kuphume ama-wicket ayisishagalombili.