i-CSA iyaqhela kumamaski zika-SBW; iyaxolisa kwi-CA

CSA President, Chris Nenzani.

CSA President, Chris Nenzani.

i-Cricket South Africa (CSA) ithanda ukuqhela kulokhu okwenziwe abasebenzela i-CSA abakhethe ukuzihlanganisa nabalandeli akade befake amamaski anobusa buka-Sonny Bill Williams, okuhambelana nalokhu okwenzeka phakathi kwa-Warner no-De Kock osukwini lokuqala lomdlalo wesibili we-Sunfoil Test e-St. George’s Park.

Njengoba i-CSA ihlonipha amalunga abalandeli ngalokhu abakuthandayo, i-CSA ayizihlanganisi nalezenzo futhi igqugquzela abalandeli bama-Proteas ukuthi bangazenzi izinto ezingezinhle noma ezingathandeki izenza umdlalo kanye nabalandeli babukeke kabi.

i-CSA isithathe izinyathelo zokuxwayisa abasebenzela i-CSA ngokuba ingxenye yalokhu futhi bazolandela izinqumo ezifanele zenkompani.

“Njenge-CSA ngithanda ukuxolisa kwi-Board of Cricket Australia (CA), abasebenzi bakhona, abaphethe kwiqembu, abadlali kanye nemndeni yabo,” kuphawula i-CSA President u-Chris Nenzani.